Onompempe bePSL basazoluqhumisa uswazi

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MALIBONGWE MDLETSHE

PHEZU kokuba beshiywe kukhalwa onondweba beqhulula amakhadi angu-83 emidlalweni yokuqala yesizini ka-2017/2018 kodwa kuthiwa abakaboni lutho abadlali “abangamahlongandlebe”.

La makhadi angu-83 aphume emidlalweni eyisithupha yeMTN8 nengu-16 ye-Absa Premiership.

Angu-70 amakhadi aphuzi uma sekuhlanganiswe angu-24 eMTN8 nangu-46 ePremiership. Angu-13 abomvu uma sekuhlanganiswe ayisishiyagalombili eMTN8 namahlanu ePremiership.

Imidlalo yePremier Soccer League iyabuya ngoSepthemba 11 kanti unondweba wakudala owashiya imidlalo yePSL ehlonishwa, u-Ace Ncobo, osengumhlaziyi wezinqumo zonompempe kwiSuperSport uthe kusazoshuba ngoba onondweba badonswe ngendlebe ukuthi baluthele uswazi.

“Mancane uma engu-83, kufanele engabe sesidlulile ku-100 ngoba zikhona ezinye izinqumo ezincane oke ubone ukuthi belifuneka ikhadi laphayana kodwa unondweba waba nesihe,” kusho uNcobo.

“Zimbili izinto engizibona zenze le sizini yaqala ngamakhadi amangaka; okokuqala wukuthi vele onondweba bake bawotha ubomvu bexwayiswa ngento ephansi abayishaye ngesizini edlule.

“Batsheliwe ukuthi kulokhu siqhuma kubo isitshwebhu uma bededela imikhuba emibi ingahlawuliswa.

“Okwesibili wubuyaluyalu bewindi lokuhwebelana ngabadlali.”

Enaba uNgcobo ngobuyaluyalu bewindi lokuhwebelana ngabadlali uthe: “Ukudlala kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kusho ukuthi abadlali bebevele bezodlalela ukuzigqamisa bese benza amaphutha abangavamile ukuwenza.

“Abasebancane abafikayo benza amaphutha ngenxa yokulwela indawo eqenjinni elikhulu bengaze behliselwe ezansi (kwiMultiChoice Diski Challenge).

“Asebebadala bona bakhipha izikhwepha balwela ukungaphucwa zintwana ijezi nabo bagcine sebenza amaphutha abangawajwayele.

“Abanye badlale benovala ngekusasa labo, bafuna ukuchaza abaqeqeshi abafikayo emaqenjini abo noma abamanye amaqembu angase abaqeshe abanike ithuba elingcono.”

UNcobo uthe ngenxa yalokhu kungalindelwa abadlali babuye sebehlise umoya.

“Kuyobasiza kakhulu abadlali ukuthi behlise umoya ngoba onondweba basazosiqinisa impela isandla. Kuyajabulisa ukuthi zincane kakhulu kule midlalo izigameko ongathi baziyekelelile,” kuxwayisa uNcobo.

Imi kanje eyPremiership ezayo: Kusasa: Free State Stars v Mamelodi Sundowns (Goble Park,6pm)

NgoLwesibili ngo 7.30pm: SuperSport United v Platinum Stars (Lucas Moripe Stadium); Orlando Pirates v Ajax Cape Town (Orlando Stadium); Polokwane City v Bloemfontein Celtic (Old Peter Mokaba) Chippa United v Baroka FC (Nelson Mandela Bay); AmaZulu FC v Maritzburg United (King Zwelithini Stadium).

NgoLwesithathu: Bidvest Wits v Golden Arrows (Bidvest Stadium0; Cape Town City FC v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium).

UNOMPEMPE ongabhenywa uVictor Gomez ebhekene ngqo nabadlali beKaizer Chiefs nabeCape Town City kweminye yemidlalo ye-Absa Premiership Isithombe: BACKPAGEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.