UNsimbi weluleka abeBafana ngesinqumo seFifa

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MALIBONGWE MDLETSHE

USIYABONGA “Nsimbi” Sangweni weluleka abadlali beBafana Bafana ukuthi bangatheneki amandla ngesinqumo seFederation of International Football Association (Fifa) sokuthi kuzomele baphinde umdlalo abahlule kuwo iSenegal.

Emidlalweni emine kweyisithupha yokuhlungela i-2018 Fifa World Cup iBafana isanqobe umlenze wokuqala ewudlale neSenegal ekhaya ngoNovemba nyakenye nokuyiwo okuthiwa awuphindwe.

“Akusona isimo esivuna thina lesi. Singadlala bese siyahlulwa. Lapho ngeke singakhali kodwa uma sinqobile singazishaya isifuba,” kusho uSangweni, obekhona iBafana isingatha i-Africa Cup of Nations ka-2013.

IFifa ithi akuphindwe umdlalo nje ikhomba unondweba waseGhana, uJoseph Lamptey, ngokuthatha izinqumo ezishaya eceleni kulo mdlalo iBafana eyawunqoba ngo 2-1.

“Kungcono kuke kuhlalwe kahle phansi izinhlaka ezifanele kudingidwe ikhambi kulesi simo,” kusho uSangweni.

IBafana isanda kunenebulwa yiCape Verde ngo 2-1 kabili kulandelana ezinsukwini ezinhlanu emidlalweni yokuhlungela i-2018 Fifa World Cup.

Le nsephe yaseDondotha edlale ka-29 kwiBafana ithe isigemegeme seFifa akumele sibe yihawu labadlali okusamele bazinuke amakhwapha ngemva kokuphendulwa ompushana yiCape Verde.

“Abadlali kumele basibonise ukuthi bakulambele ukuya kwiWorld Cup.

Lento eyenzeke la eMoses Mabhida, eish! nami angiyithandanga nhlobo. Bengikhona enkundleni. Ngibone kahle ukuthi kusamele babuyele ebhodini bayodweba icebo lokuya phambili,” kusho uSangweni.

ISafa ayikaphumeli obala ukuthi iyakwamukela yini ukuphinda umdlalo noma isinqumo seFifa izosidlulisela eminyangweni engaphezulu yezomthetho.

ULamptey wamiswa yiConfederation of African Football kodwa iFifa iqome ukumdingisa unomphela ekushayeni indweba.

Ngokunquma ukuba uphindwe lo mdlalo iFifa ishaya ingwijikhwebu emgomeni wayo osukhalise inqwaba yabantu othi isinqumo sikanondweba singujuqu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.