UBilliat nezinsolo zokuphambanisela iDowns

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - NHLANHLA SITHOLE

KUQUBULA izinsolo ukuzinxusela komdlali weMamelodi Sundowns, uKhama Billiat, kubaphathi beqembu ukuthi bake bame ngezinhlelo zokumthengisa okwamanje ngoba usafuna ukugxila ekukhuphuleni izinga lakhe lokudlala elingamgculisi selokhu kuqale isizini.

Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo ukuthi indlela isimo salo mdlalo esingaye sikhomba ukuthi inhliziyo yakhe ayisekho kwiSundowns.

“Bekukhona iqembu laseSaudi Arabia ebelimfuna ngemali eshisiwe lingakavali iwindi, okuthe lingavala lo mdlali wacela abaphathi ukuthi bame nemizamo yokumthengisa ngoba usafuna ukugxila emdlalweni wakhe njengoba ezibona engadlali kahle.

“Noma selivaliwe izingxoxo azizange ngomdlali akusho ukuthi sekukhona okubekile kubaphathi beqembu,” kuchaza uThuswa.

Yize uThuswa ephika, kodwa umthombo uthi ukushaya amakhala kweSundowns ngesenzo salo mdlali okuthiwa ubefunwa uthuli yiqembu laseSaudi Arabia lingakavalwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngokuphela kuka-Agasti, kungenzeka usefuna iSundowns ingatholi lutho ngaye kwazise inkontileka yakhe izophela ngoDisemba.

Ebuzwa ngamahlebezi aqale ukusabalala ngoLwesihlanu athi iqembu laseEgypt, i-Al Ahly, ifuna umdlali weSundowns uPercy Tau, ukuze azodlala kuyona uthe naye lawa

mahlebezi uwafunda emithonjeni yabezindaba.

Leli qembu lisanda kusayinisa umdlali obekwiBidvest Wits, uPhakamani Mahlambi, iminyaka emine.

“Akukho oseke wathinta iqembu ngoTau. Nami le nto ngiyifunda emithonjeni yabezindaba, ngakho anginakho okuningi engikwaziyo,” kusonga uThuswa.

Phezu kokuthi isimo sibikwa ngale ndlela phakathi kukaBilliat neqembu kodwa akungatshazwa ukuthi abaqeqeshi basazoqhubeka nokuthembela kuyena emdlalweni weCaf Champions League phakathi kwaMasandawana neWydad Athletic Club.

IDowns esohlwini lwamaqembu ahamba phambili kumaGauteng Sport Awards ango-Okthoba izogijimisana neWydad eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, eTshwane, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Lo mdlalo ungomunye iSundowns ezama ukucaba ngayo indlela ebheke ekuvikeleni le sicoco esinqobe ngesizini edlule.

Lo mdlalo izowendlalela

ngowe-Absa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.