Bazumise ngemishado osaziwayo baKwaZulu-Natal

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - DELI MNCWABE

BEZIWUSHAYA kosaziwayo abangaconsi phansi baKwaZulu-Natal izolo, okunguSthandwa Nzuza oganele kwaGama kwathi uMinnie Dlamini wathathwa kwaJones.

Ezinkundleni zokuxhumana abaningi bebekhuluma ngale mishado emibili. OkaSthandwa ubusendaweni evulelekile ngaphandle eHillcrest kanti okaMinnie ubuseKapa endaweni ebifihliwe.

USthandwa ongumsakazi woKhozi FM, ophinde abe ngumlingisi woZalo kuSABC1, uthathwe ngusomabhizinisi uPhilani Gama wodumo lwamakhaza, iGama Clasic Funerals.

Ngokwemibiko, laba bobabili bahlanganiswa ngumngani abasonta naye. Kuthiwa akuthathanga sikhathi kwaqhuma izinhlansi zothando kubona bobabili.

NgoJuni nonyaka bathembisene umshado kwakhokhwa nezinkomo zelobolo. Izolo, umshado kaSthandwa noGama ubuhanjelwe yizicukuthwane okubalwa kuzona uZanele MbokaziNkambule, Vicky Masuku, Mfundisi Prince Zulu nabanye.

Ngasohlangothini lukaMinnie othathwe nguQuinton Jones bekungaveli lutho ngaphandle kwezicukuthwane ezifana noSomizi Mhlongo,

NguBasetsana Kumalo no-Unathi Msengana abebefaka izithombe zabo ngaphambi komcimbi besehhotela.

Ngokwemithombo, izimenywa bekungavumelekile ukuthi zisabalalisa ulwazi ngalo mshado, ngenxa yokuthi kunephephaphuku neVUZU Amp, abathenge amalungelo okusakaza nokusabalalalisa konke okuthinta lo mshado ngezigidi zamarandi. Kuthiwa izicukuthwane bezingazi nokuthi umshado uzoba kuphi nendawo, kodwa bekuhlelwe izimoto ezizozihambisa endaweni yawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.