UNomzamo uzosiza isimame kwi-Essence

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - DELI MNCWABE

UNGAKAPHELI sikhathi esingakanani isilomo somlingisi nomphathi wezinhlelo uNomzamo Mbatha kade siphethe umlenze we-Essence Festival waseNew Orleans e-USA, manje amehlo aso asethe njo kozoba seThekwini ngesonto elizayo.

UNomzamo uhlelele intsha okuzoyithutha ukuze ifinyelele kalula kulo mcimbi.

“Abanye abantu uma bezwa kukhulunywa nge-Essence, bacabanga umculo nobumnandi kuphela, kodwa akunjalo.

“Ngaphambi kokuba ngihambele i-Essence Festival yaseNew Orleans ngangicabanga kanjalo. Ukuba yingxenye yawo kwangishintsha indlela engibuka ngayo izinto. Ngafunda okuningi nengifisa ukuthi nabanye bafunde kulo mcimbi,” kusho uNomzamo.

UNomzamo uthungatha abesifazane abaneminyaka eqala ku-18 kuya ku-35 nazobaholela ngokuba yingxenye ye-Essence.

Inhloso wukuthi intsha ihlome ngolwazi oluyinsada ngempilo, amathuba emisebenzi, nangokunye okuningi okungathuthukisa impilo yomuntu. Konke lokhu ukwenza ngaphansi kwenkampani yakhe iGround Six & Foundation Lighthouse.

Abazoba senhlanhleni bazoba kulo mcimbi izinsuku ezimbili okungumhlaka 29 no-30.

Ngaphandle kokufunda

Kngezithuthukisa impilo, lo mcimbi uzoba namakhonsathi okuzonandisa kuwona abaculi abafana noJill Scott, Joyous Celebration nabanye abaningi.

I-Essence iqala ngoSepthemba 26 iphele ngo-Okthoba 1.

UTHUNGATHA abazoya kwi-Essence

Festival ezoba seThekwini ngasekupheleni kukaSepthemba uNomzamo Mbatha

Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.