OkaMandoza nenhlangano yomdlavuza

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - SIPHELELE BUTHELEZI

INKOSIKAZI kaMandoza, kusasa okuzophela unyaka ashona, uMpho Tshabalala, uzokwethula iMandoza Foundation esibhedlela iCharlotte Maxeke eGoli.

Inhlangano izosebenzisana neCancer Association of South Africa (CANSA), ukusiza iziguli ezinomdlavuza ngokuzinikeza ukudla nendawo yokuhlala ngesikhathi zisalashwa.

Izokwethulwa ewodini okwakulashelwa kulo uMandoza.

USepthemba 18 wusuku uMandoza ashona ngalo, kuphinde kube wusuku lokuzalwa lukaNkk Tshabalala.

UmkaMandoza uthe uqoke ukusebenzisa lolu suku ukulula isandla kunokuba ahlale ekhaya, ekhala ecabanga umyeni wakhe.

Uthe le nhlangano izolekelela iziguli ezinesifo somdlavuza eziqhamuka emakhaya antulayo.

“Umyeni wami wathola ukuthi unalesi sifo esevele esesesigabeni sesithathu. Ngihlale ngizibuza ukuthi ngabe kwabanjani ukuba washeshe wathola. Angimfiseli omunye umuntu ukuthi adlule kulobu bunzima umyeni wami adlula kubo,” kusho uNkk Tshabalala.

Uthe bayazama ukuqhubeka nempilo ngemuva kokushona kukaMandoza ngosizo lokusekwa ngumndeni nemikhuleko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.