Waphuziswa umuthi otholakale engasenangalo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

UFIKELWA wusizi umlisa waseTrust Feed eMgungundlovu uma echaza ngokwamehlela, eshumpulwa ingalo yangakwesokudla.

UMnuz Phumlani Mkhize (46) wanyamalala ngenyanga edlule esanda kufika emzini wesihlobo sakhe kwa-E eMlaza.

Uthi Nksz Nompumelelo Jila (56) wamcela ukuthi ayomgadela izimbuzi nomuzi wakhe.

Uthe wayehleli yedwa ngo-Agasti 8, uNksz Jila esemsebenzini, kwafika amadoda amathathu ezibiza ngezihlobo zikaNksz Jila.

“Afika ngibuka i-TV ngivule isicabha kodwa i-burglar guard ivaliwe. Athi athunyiwe ukuthi azongilanda. Sebengene ngaphakathi bangikhiphela isibhamu, bathi asihambe. Bangilinda ukuthi ngikhiye. Sahamba nabo saze safika emotweni ababeyimise kude nendlu,” kusho uMkhize.

Uthi bamphuzisa isiphuzo ayezitshela ukuthi iCoke.

“Yayibaba, bangiphuzisa kabili. Ngaphaphama esibhedlela senginengalo eyodwa,” kusho uMkhize

Unina kaMkhize uNkk Maliza Mkhize (77), uvele wakhihla isililo wathi: “Yangibulala le ntombazane. Angisaboni emehlweni, lo mfana ubengenzela konke.”

Uthe kungcono angalivuli icala, ngoba kuzofaka impilo yakhe engcupheni.

“Uma evula icala kuzodingeka baye enkantolo eThekwini? Izingane zami zifike sezilindwe yizigebengu,” kusho uNkk

Mkhize.

Uthe nakuba eze watholakala kwasiza imizamo yabo, uNksz

Jila engafuni nokubayalela lapho ehlala khona.

UNksz Jila uthe ngamampunge ukuthi uMkhize wathathwa ngabantu abazibiza ngezihlobo zakhe.

“Kungani bengafuni ngikhulume naye. Wabavulela kanjani abantu angabazi? Sisaya kude nabo,” kusho uNksz Jila.

AKASATHEMBI lutho uMnuz Phumlani Mkhize waseTrust Feed owanyamalala eMlaza watholakala eseshumpulwe ingalo yangakwesokudla

Isithombe: S’MANGELE ZUMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.