Ngamampunge ukuthi asidlanga kokaChillies

Isolezwe ngeSonto - - IMIBONO -

MHLELI: NGEKE ngiphinde ngisalithemba Isolezwe ngeSonto ngoba kuyacaca anilwenzi lolu hlobo lobuntatheli obuphenyayo bokuthungatha iqiniso!

Isihloko ebesibhalwe ngamagama amakhulu sithi “Kwehle izihlathi kungadliwa kokaChillies”. Kwenziwa yini intatheli yakho ibhale amampunge ngempela ngoba kwadliwa kulo mngcwabo kaChillies?

Futhi kwaze kwasala ukudla kwadla nabantu abebengazile emngcwabeni. Ngizomazisa uMuzi Wandile Ntshangase ngokudicelela igama neqophelo lakhe phansi. Tholakele Nono Mhlongo

UMLAZA

IMPENDULO: Ingosi kaQekethwayo incike kakhulu emancokweni ngezinto ezisuke zenzeka ikakhulu kosaziwayo nezigameko ezinedumela, nakulokhu okuchazwa ngokuthi ngumgosi. Mayelana nesiqephu okhala ngaso.

1 Asiguquki kwesikulobile ngoba kusukela esimemezelweni esenziwa enkonzweni yomngcwabo ehholo ukuthi kucelwe abantu ukuthi kungangcono abanye baphelele khona ehholo ngenxa yobuningi babo bangadluleli emathuneni nasekhaya wayijobelela nendaba yokudla.

2 Akukho hlazo kule nkulumo, yinto ejwayelekile ukwenziwa emingcwabeni ehanjelwa abantu abaningi kakhulu njengawo lo esabika ngawo. Lokhu kusuke kungelona iphutha lomndeni okanye labo abanikwe umsebenzi wokuphekela abantu.

3 Akukho nhloso yokuphoxa ngalo mbiko, uma kungukuthi usamile kulo mcabango, sidlulisa ukuxolisa.

4 Umbiko kaQekethwayo awugagulanga mpheki ngegama, nguwe-ke osufake igama lakhe, obekungaziwa ngokombiko ukuthi nguye owayenikwe lo msebenzi wokuphekela nokuphakela abantu. – UMHLELI

KUMUNCU ebuholini be-ANC KwaZulu-Natal obuholwa wuMnuz Sihle Zikalala emva kwesinqumo seNkantolo yaseMgungundlovu echithe ingqungquthela yangoNovemba 2015

Isithombe: SIGCINIWE UHLANGOTHI lukaMnuz Senzo Mchunu ebengusihlalo weqembu nondunankulu wesifundazWE oluvunwe yisinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu ekuqaleni kwesonto Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.