Usithengisa iCD ngenkani

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

USUVELE ushaywe wuvalo uma uzohlangana noMelusi Mbokazi. Kulezi zinsuku ubanga isicefe, njengoba elokhu ebambisa abantu iCD yakhe. Uma uhlangana naye kumele uvele ubaleke ngoba uzokubambisa le CD yakhe engathengwa bese eshutha nawe.

Ucabanga ukuthi izothengwa ngoba usushutha nabantu. Zama enye indlela ndoda, iyangicasula le nto yakho. Ngakucashela kwenye indawo ugqoke le sudi yakho ekumpintshayo. Ngisola ukuthi nakini bayacasha abashana uma usufika nale sudi ngoba mhlawumbe yibo abakhumulayo. Ekuseni uma uyigqoka bayasho ukuthi bavelelwe ntambama.

UMALUSI Mbokazi

MO Flava noMasechaba Ndlovu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.