Badukisa abalaleli abasakazi beMetro

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

NGIKE ngaxakeka ngoLwesie ngilalele uhlelo lwantambama kwiMetro FM olwethulwa uMo Flava noMasechaba Ndlovu.

Babuze abalaleli ngomcimbi wamatshitshi oba sesigodlweni seNgonyama eNyokeni, KwaNongoma. Hhawu! Laba basakazi abawazi umehluko phakathi komembeso noMkhosi woMhlanga.

UMasechaba uze wathunyelelwa umqhafazo umphathi wesiteshi uSibongile Mtyali ebacacisela.

Siyazi aniwona amaZulu, kodwa yinina nje ebenibuze umbuzo. Nidukisa nabalaleli phela uma nibuza into nani eningenasiqiniseko ngempendulo yayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.