Ubeshayela isithuthuthu enake nomakhalekhukhwini

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

ABAWUVALI umlomo abantu ababone indoda ebishayela isithuthuthu esidala, ibe ilengise izigubhu zegesi eziyisikhombisa futhi izichofozela umakhalekhukhwini.

Lesi sigameko senzeke edolobheni iNanjin, esifundazweni iJiangsu, eChina, ngesonto eledlule.

Le ndoda iqoshwe kwi-video esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.

Igxekiwe ngalesi senzo sayo esibukeka singayikhathalele impilo yabanye abantu abasebenzisa umgwaqo.

Ngenxa yesisindo somthwalo, isithuthuthu sipatalele nokwenza sihambe kancane. Phezu kwalokho sibuye sigqwegqwe emgwaqeni siphume kulayini ngenxa yokuthi umshayeli unake kakhulu okwenzeka kumakhalekhukhwini.

Abahamba emgwaqeni bayayihebeza, abanye bakhuze

ibhadi kodwa iphendule ngesankahlu ibatshele ukuthi abahlukane nayo.

Ngokombiko wephephandaba le ndawo le ndoda igcine ibanjwe ngamaphoyisa omgwaqo ayihlawulisile yaboshwa.

– The Daily Mail

AKUTHI ndiki kumshayeli wesithuthuthu obophele uthwalo oyisilinganiso sika-200kg nobekwesabelwa ukuthi angadala ingozi ngawo

Isithombe: THE DAILY MAIL

UZOZIKHETHELA indawo obuzothathwa kuyona ubuntombi bakhe uYulia (18) wase-Ukraine othi akakaze athintwe phambilini Isithombe: THE DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.