Ukhexile uCoetzee beshaywa ngo 57-0

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

KUPHELE umdlalo engakholwa umqeqeshi wamaBhokobhoko u-Allister Coetzee ngemuva kokuphela komdlalo behlulwa yiqembu laseNewZealand, i-All Blacks ngo 57-0.

Lo mdlalo umphumela wawo oholele ekutheni i-All Blacks iqukule iRugby Championshiph ubudlalelwa e-Auckland, eNew Zealand izolo ekuseni.

Ephawula uCoetzee ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo ngesikhathi i-All Blacks isiqala ukufudumala, uthe kube nomkhulu umehluko phakathi kwalawa maqembu omabili.

“Ngeke ngithi kube yinhlekelele,” kusho yena efuna igama elihloniphekile azolisebenzisa.

“Sibe nomdlalo omuhle emizuzwini yokuqala umdlalo uqalile, siwuthwele ngeqoma nokube ukulahla ibhola elilodwa, kwabe ukuqala kwenkathazo ngemuva kwalokho.

Uphethe ngokuthi kuyinto engafihliwe ukuthi uphoxekile nokuthi abadlali baphatheke kabi.

“Akungoba kuyinka yokuthi asiyenzanga imizamo.

“Besihlasela kahle futhi sizivikela kahle kodwa umehluke kube wukuthi besihluleka ukubavula. Bebedlala kahle kakhulu,” kusho uCoetzee.

Imiphumela yemidlalo yayizolo yeNFD:

Stellenbosch 2, Leopards 1; Highlands Park 1, Tshakhuma 2; Real Kings 1, Ubuntu 1; Bucks 1, Spurs 1; Super Eagles 2, Thongathi 0; Tuks 2, Real Eagles 1.

Namuhla ngo-3 ntambama: CT All Stars v Mbombela (Athlone Stadium), Cosmos v Richards Bay (Vosloorus Stadium).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.