Basola ukucwaswa kumiswa owe-OPW

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - DELI MNCWABE

SEKUQUBUKE umsindo nezinsolo zokuxoshwa komethuli we- Our Perfect Wedding yakuMzansi Magic, ngenxa yokucwaswa ngomzimba wakhe omkhulu.

UNomsa Buthelezi kuthiwa ususwe kulolu hlelo ngenxa yokungagculiseki kwezinye zeziphathimandla zalolu hlelo ngendlela abukeka nagqoka ngayo, uma ethula uhlelo.

UNomsa uthathe izintambo zohlelo kuThembisa Mdoda, osanda kushiya lolu hlelo. Njengoba ethula lolu hlelo uNomsa ubesebuya okwesibili njengomethuli obambile. Eqala kwakungesikhathi uThembisa ethathe ikhefu, kanti okwesibili (manje) kube ngenxa yokushiya lolu hlelo isigubhukane kukaThembisa.

Kuleli sonto aboMzansi

Magic baveze ukuthi lolu hlelo seluzokwethulwa nguLerato Zah Moloi owagqama kuMuvhango eminyakeni edlule.

Okususe umsindo wukuthi uLerato uzoqedelela le sizini eyenziwa nguNomsa. Uzokwethula iziqephu ezine nezizoba ngasekupheleni konyaka.

UNomsa uthe uyazi ukuthi kunabantu abahlezi bemgxeka ngendlela abukeka ngayo nokugqoka kwakhe, kodwa ufisa bazi ukuthi akaphumelanga lokho ohlelweni.

“Angixoshwanga, ngiyeke ngoba sekuphele isivumelwano enganginaso nabohlelo nokwakuyiziqephu eziyisishiyagalombili. Ngiyazi bakhona abangajabule ngami nangendlela engibukeka ngayo, laba bakoTwitter. Bahlalela ukugxeka, kodwa anginendaba nabo futhi kwamina angimandla kangako vele kwezokuxhumana,” kusho uNomsa.

Uthe akaqashelwanga ubuhle, kodwa waqashelwa ikhono lakhe lokuphatha uhlelo.

“Kulolu hlelo akuyi ngobuhle mamah, kuya ngekhono nokuyinto enginayo neyenza abaqashi bangithande. Abakhulumayo bayoze bayeke, mina ngiyinsimbi kayigobi ngeke bangenze lutho,” kusho uNomsa.

UNomsa uzithola ekulo msindo nje, kungenxa yokuqhathaniswa nabantu abafana noJessica Nkosi, Thembisa Mdoda, Phumeza Mdabe ababebukeka kubabukeli.

Kwi- OPW uthe uyoze agcine ukubonakala ngoNovemba.

Isolezwe ngeSonto likhulume naye esathathe ikhefu letiye kade eqopha iziqephu zomdlalo wamahlaya i- Abomzala yakuSABC1, athe ikhuza ibuya ngoJanuwari.

Okhulumela uMzansi Magic uNondumiso Mabece, uthe kubaphatha kabi ukuzwa lamahlebezi asesabalele okuthi bamxoshele ubukhulu bakhe.

“Samqasha simazi futhi siyamthanda uNomsa. Asisoze sacwasa umuntu ngendlela akhiwe ngayo,” kusho uNondumiso.

Uthe uLerato noMbali Nkosi bazoba ngabethuli besikhashana. Bobabili bazokwethula iziqephu ezimbili umuntu emunye ngoDisemba.

“Kusukela ngoSepthemba imishado iba miningi. Ukwenzela ukuthi sikwazi ukuthola eminingi sikhipha abethuli abehlukene iqoshwe. Uma evalelisa uNomsa ngoNovemba uzobe eselandelwa uLerato

noMbali,” ephetha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.