Ukhalela igceke lakhe kuqoshwa uGandaganda

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

UKHALA ‘ngemali yedrinki’ athenjiswa yona nguMampintsha owesifazane waseLamontville ngemuva kokumnikeza imvume yokuqophela egcekeni lakhe i-video yeculo elisha likaBabes Wodumo elithi Gandaganda.

UNksz Mimi Zulu (38), uthe sekuphele inyanga elinde ukuthi uMampintsha uzobuya azogcina isethembiso sakhe ‘se-drink’.

Uthe uMampintsha nethimba lakhe bagasela emzini wakhe engazelele, bacela ukusebenzisa igceke lakhe.

“Bangivusa ngilele emini, bacela ukusebenzisa igceke lami. Ngakhuluma noMampintsha uqobo lwakhe, wathi uzongipha imali kadrinki uma sebeqedile. Angiyibonanga inkinga. Badlulela nakamakhelwane wami, nakhona bacela ukusebenzisa igceke lakhona. Sebehamba abazange bavalelise. Sabona ngabo sebeqoqa, sathumela umfana ukuthi abuze uMampintsha ngemali asithembise yona,” kusho uNksz Zulu.

Uthe umfana wabuya eshwiba izandla, wathi uMampintsha uthembise ukuthi uzobuya ezobakhokhela.

“Ngahlalela ethembeni, kodwa manje ngiyabona ukuthi wayesikhohlisa.

Nakhu sekuphele isikhathi engabuyi. Siphatheke kabi ngoba wasisukela sizihlalele. Kuzoba buhlungu uma sibona kuvela imizi yethu kwi-video kodwa sazi kahle ukuthi asikhokhelwanga,” kusho uNksz Zulu.

Khonamanjalo abaphaquli ababili baseThekwini bakhala esifanayo njengoba bethi uMampintsha wabacela ukuthi baphaqule uBabes Wodumo, nabadansi bakhe ababalelwa ku-15 belungiselela ukuqopha i-video ngenyanga edlule.

Kuthiwa babebize uR6 000 ngomsebenzi wabo kodwa bagcina bekhokhelwe uR2 500.

Bethintwa abaphaquli basivumile isigameko kodwa banqaba ukuphawula, bathi sebesayine phansi ukuthi abasophinde basebenzisane noMampintsha.

Ephawula uBabes Wodumo, uthe ngamampunge ukuthi kunabantu ababakweletayo, usola ukuthi kunabathize abazama ukudicilela phansi isithunzi sabo.

Odabeni lwaseLamontville uthe kunelungu lomphakathi elababona beshutha i-video endaweni lacela ukuthi bazoshuthela egcekeni lalo.

“ELamont ngikhulele khona, abantu bakhona bayangithanda.

“Savuma uma lo muntu esicela ukuthi sishuthele egcekeni.

“Bamnikeza nemali kadrinki, angisazi ufunani. Ngiyasola ukuthi kukhona abantu abamhlohlile. Abantu bayabhoreka nje,” kusho uBabes Wodumo.

Kwelaba baphaquli uthe wayexoxisane noyedwa owambiza uR2 500 kodwa owafika esehamba nomngani wakhe ngosuku ababeqashwe ngalo.

“Abangangifaki ezindabeni zabo, uyena owabiza umngani wakhe.

“Uyena okumele amkhokhele. Angeke ngidlale ama-hungry lions mina,” kusho uBabes Wodumo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.