UBabes uzoba nohlelo ngempilo yakhe kwiTV

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - SIPHELELE BUTHELEZI

SIPHUPHUMA injabulo isilomo seNdlovukazi yeGqom’ ngenxa yokuthi sesizoba nohlelo olungempilo yaso kwithelevishini.

UBabes Wodumo (23) wodumo lwengoma ethi Gandaganda, udalule ukuthi khona maduze uzobonakala enza adume ngazo ohlelweni lwakhe oluzoba kwiDStv kuMzansi Magic kungekudala.

Engxoxweni abe nayo nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe ngeSonto, iSunday Tribune, uthe abantu bazozibonela ukuthi ungubani ngempela nokuthi akambuluzi ngobuyena.

“Abantu engisondelene nabo bajwayele ukungitshela ukuthi ngiwumuntu okhululekile futhi ngiyazihlanyela nje.

“Nizobona mina uqobo, futhi engizobe ngikwenza akuzoba ngikwenzela ithelevishini,” kusho lo mculi ongaphansi kweWest Ink.

Uthe abantu bazobona konke okwenzeka empilweni yakhe, akwenza uma elungiselela uchungechunge lwamakhonsathi, umsangano ayiwona nokunye okuningi okuthinta impilo yakhe.

Lolu hlelo olubukeka luzoshisa, luzoqala ukuqoshwa ngoMsombuluko ozayo.

UBabes Wodumo uzolandela osaziwayo abafana noBonang Matheba, Somizi Mhlongo noKelly Khumalo ngokuba nohlelo olukhuluma ngempilo yakhe.

Kwenzeka lokhu nje usanda kuqeda ishobolo lokuhlezi ehlulwa emincintiswaneni yezindondo njengoba enqobe indondo yeBest Kwaito Artist kumaDance Music Awards SA.

ZIMHAMBELA kahle uBabes Wodumo osezoba nohlelo lwempilo yakhe kuMzansi Magic

Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.