Uyaphela umshado kaZwai noMelanie

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE NGESONTO

UYAPHELA umshado obuphakathi komculi we-TZee, uZwai Bala nomfundi wezindaba kwiMetro FM uMelanie Bala. Lokhu kuqinisekiswe yibo kuTwitter ngemuva kochungechunge lwemibiko yabezindaba ebithi bayadivosa.

Ngokwesitatimende abasikhiphe ngokuhlanganyela, bathe babone kungcono ukuthi bakhulume iqiniso ngokwenzekayo.

“Siyaqinisekisa ukuthi sesihlala ngokwehlukana kanti siphezu kwezinhlelo zokwehlukanisa. Sizamile ebesingakwenza kodwa akulunganga. Besenza ngaso sonke isikhathi ukuqinisekisa ukuthi izindaba zethu aziphumeli ngaphandle emphakathini esiwusebenzelayo. Besicela ukuthi kuvikelwe izingane njengoba sibhekene nalesi simo.

“Sizibophezele ekukhuliseni izingane zethu ngokubambisana futhi zikhulele endaweni ekahle. Sizoqhubeka sibe abangani. Yilokho esingakusho ngodaba lwethu.”

Laba bashade ngo-2008 kanti ngesikhathi beshada basebenengane. Bengakashadi kwake kwavela izindaba zokuthi uMelanie wake washaya uCaroline Fassie bebanga uBala.

KUYAPHELA ngomshado kaMelanie noZwai Bala njengoba bememezele kuTwitter izolo ukuthi basezinhlelweni zokwehlukanisa

Izithombe: ZWAI BALA/TWITTER / MELANIE BALA/ INSTAGRAM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.