Ukungcola kweKPMG kungashayisa uZuma itoli

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

IZINKINGA ezikhungethe isikhondlakhondla senkampani yabacwaningi mabhuku i-KPMG, zingase zivulele uMengameli Jacob Zuma intuba yokuphunyuka ekushushisweni.

INkantolo yokweDluliswa kwamaCala eseBloemfontein ngoLwesihlanu, isichithile isicelo sikaZuma sokuthi angashushiswa ngamacala enkohlakalo nokushintshana ngemali ngokungekho emthethweni.

UZuma ubehambisana noPhiko lwezokuShushiswa kuleli cala. Le nkantolo ichithe lesi sicelo yayalela uZuma ukuba akhokhe izindleko zecala.

Kwenzeka lokhu nje, iDA bese kuphele iminyaka igqigqa lolu daba, ifuna ukuthi uZuma abhekane nala macala enkantolo.

IJaji u-Eric Leach wale nkantolo, uthe lowo owayenguMqondisi woPhiko lwezokuShushisa u-Adv Mokotedi Mpshe akalusingathanga ngendlela udaba ngesikhathi ehoxisa la macala.

Ihhovisi likamengameli liphawula ngalesi sinqumo lizwakalise ukuphoxeka lase lithinta udaba lombiko we-KPMG oyingxenye yobufakazi obuzosebenza kula macala. Liveza ukuthi uma umengameli esenza izethulo zakhe phambi kophiko lwezokushushisa, nakanjani udaba lwe-KPMG luzoba sezithebeni.

“Njengoba kuzokwenziwa izethulo zikamengameli kabusha nje, ngeke lwasala ngaphandle udaba lombiko we-KPMG njengoba sekuvele imisebenzi engashayi khona yale nkampani. Silindele ukuthi uMqondisi woNPA alubukisise kahle lolu daba, bese ethatha isinqumo esifanele.”

Le nkampani isanda kungena obishini emuva kokuvela kwezindaba zokuthi yaba namabatha emsebenzini eyawenzela izinkampani zomndeni wakwaGupta nakwiSARS.

Umholi we-DA uMnuz Mmusi Maimane ucashunwe ebhodla ngalolu daba, ethi nanka amehlo aphahle umbombo, bayibhekile iNPA ukuthi iyamshushisa yini uZuma.-ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.