Akufanele i-ANC ife ukuze ivuke isinamandla - Mmemezi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Humphrey Mmemezi, lithe akudingeki ukuthi inhlangano i-ANC ize ife ukuze ibuye isinamandla.

“Ukuthi siyinhlangano ebusayo akusho ukuthi singuJesu Khrestu. Akudingeki ukuthi size sife ukuze sibuye sesinamandla. Uma singavumela lokhu kuzobe kusho ukuthi sihlulekile ukuvikela i-ANC.

“Le nhlangano akuyona eyethu njengabaholi, kodwa ngeyabantu baseNingizimu Afrika,” kusho yena.

Uthe, abanye abaholi be-ANC ePhalamende bangoskhwiliphambana nobhoko, bakwazi ukuvotela omunye umholi we-ANC ephalamende ukuthi achithwe esikhundleni.

“Sesiyazi ngamalungu ePhalamende angu-42 e-ANC, amanye angongqongqoshe avotele ukuthi kuchithwe umholi we-ANC. Kuyacaca ukuthi kunabaholi abenza ngendlela yabo ekubeni bethatha umyalelo kwi-ANC.

“Sinxusa wonke amagatsha e-ANC ukuthi ababheke labo baholi abakhuluma izinto ezingezinhle ngabanye. Noma ngabe usesontweni noma uyintatheli, kumele ungagudluki emithethweni yenhlangano,” usho kanje.

UMmemezi nosihlalo we-ANC eNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo, banxuse ukuthi kube nobumbano enhlanganweni kulesi sifundazwe.

UMahumapelo uthe ukubumbana kwe-ANC eNorth West, akwenziwa ngenhloso yokuthi kube nobungani, kodwa kuyindlela yokuqhakambisa izimfuno zenhlangano.

Yize bekukhuzwa uqhekeko phakathi kwe-ANC, amanye amalungu e-ANC afike kulo mhlangano egqoke izikibha ezimnyama ezibhalwe ukuthi: “CR17” ngemuva, ngaphambili zibhalwe ukuthi: “#siyavuma”.

HUMPHREY MMEMEZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.