Ikhala iyazithulisa intokazi ‘eqolwe’ izizumbulu yisoka

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - S’MANGELE ZUMA

KUSEKUDE ukuthi aphinde athembe umuntu wesilisa owesifazane waseThekwini othi uluthwe yisoka alithole ejimini, elishaye lachitha noR69 000 wakhe.

UNksz Happiness Gcwabe (34), oyiBusiness Analyst, kwelinye lamabhange amakhulu eGoli, uthe kusenzima ukukholwa ukuthi uMnuz Martin Lwanja waseMalawi oyigeza, ungumgulukudu wesigebengu.

Uthe kwenzeka lokhu nje ubesazikhotha amanxeba ngemuva kokuhlukana nesoka elimphule inhliziyo.

UNksz Gcwabe uthe uthole ekugcineni ukuthi uLwanja akasiyo injinga, kodwa ungumsebenzi waseVirgin Active.

“Ngangisejimini eVirgin

Active, eMorningside, eGoli, kwaqhamuka lo bhuti elethe ijakhethi yami eyayisale emshinini wokugijima. Waqala wangincoma wathi uthathekile ubuhle bami. Ngachazeka nami, indoda yamaphupho. Mude, umnyama, unomzimba owakheke kahle. Angibanga nankinga ngesikhathi ecela inamba yami.”

“Ngemuva kwezinsuku sibonene, wangikhipha sayodla. Wangitshela kabanzi ngaye.

Wathi ungowaseZambia.

Ngathola nokuthi sisebenza kumkhakha owodwa. Wayebukeka engumacaphuna kusale, njengoba wayehamba ngeBMW X5. Wayesenemininingwane ngami ayesevele eyazi. Wangichazela ukuthi kulula kuyena njengoba esebenza kwezobuchwepheshe,” kuchaza le ntokazi.

Uthe lo mlisa uqale ukumchutha ngokuthi athi unina ugulela ukufa.

“Wacela ngimboleke uR16

000 wokugoduka. Eyakhe wathi isavalelekile ebhizinisini lakhe. Wathi angiyifake kwaCapitec, kodwa ngaxakeka ngoba isibongo esasibhaliwe sasingafani nangitshele sona. Wathi yisithakazelo sakhe. Kuphele usuku ebuyile, wathi unina useshonile. Wacela ngimboleke uR20 000 ukuze abuyele kubo.”

Uthe uLwanja imali ubeseyicela kulandelana, njengoba amcela ambolekele uR25 000 ebhange, waphinda wacela uR7 000 wokugcwalisela emngcwabeni noR1 000 kaphethroli.

Imizamo yokuvula icala uthe ayiphumelelanga, amaphoyisa athe babevumelene. Athi ungowesibili ukubika ngoLwanja.

ULwanja uthe bahlanganile nalo wesifazane esiteshini samaphoyisa eMorningside lapho esayine khona incwadi efungelwe echaza ukuthi uzomkhokhela kanjani.

Imenenja yaseVirgin Active, e-Alice Lane, uMnuz Wil-Riaan Engelbrecht, uthe kunzima ukululandela udaba njengoba uLwanja esesulile emsebenzini.

UKHALA uyazithulisa owesifazane waseThekwini oqolwe uR69 000 yisoka alithole ejimini

Isithombe: S’MANGELE ZUMA

OSOLWA ngobuqola, uMnuz Martin

Lwanja uthembise ukuyikhokha yonke imali ayinikezwa yintombi ayithola ejimini

Isithombe: SITHUNYELWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.