Kwehle iziqhomo kwabazishune ubuso

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE -

INJABULO iphenduke izinyembezi kubangani abathathu abavinjwe esikhumulweni sezindiza kulandela ukungafani nhlobo nezithombe zomazisi babo.

Laba bangani besifazane abathathu bazithole besenkingeni ngemuva kokuthatha uhambo olusuka eChina belibangise eSouth Korea beyolungisa ubuso babo nge-plastic surgery.

EChina umuntu wesifazane onenyama ewugqinsi ngenhla kweso, umbombo omude namehlo avulekile, kuthiwa muhle uqedile.

Bakwenze lokhu ngemuva kokuzwa ngesipesheli sokulungiswa kobuso bube buhle, ngosizo lukadokotela ophambili waseSouth Korea.

Ngesikhathi sebebuya laba besifazane bebebhandishe ubuso futhi buvuvukele ngenxa yokuhlinzwa.

Indlela abebebukeka ngayo, ibisihluke kakhulu kunalokho abebeyikhona phambilini.

“Ngesikhathi befika esikhumulweni bezama ukungena endaweni ezobadlulisela lapho kugitshelwa khona, amabhanoyi kube nenkinga yokuthi bebeveza omazisi okungathi ngaba banye abantu,” kusho ozibonele.

Ziyime emthumeni bethi bazama ukuchazela iziphathimandla ukuthi yibona laba abasezithombeni.

Ibhanoyi obekufanele baligibele elibuyela emakhaya, lize lahamba labashiya. Kuthe uma bezama ukuhamba banqatshelwa bayalelwa ukuba bahlale kuze kusombululeke inkinga. – The Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.