Belicokeme izinga emjikelezweni weMigos

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - THOKOZANI NDLOVU

LIHLANYISE abathandi be-hip hop, iqembu lase-USA, lomrepha abathathu, iMigos, ngesikhathi linandisa e-ICC, eThekwini ngoLwesihlanu ebusuku.

IMigos ebunjwe uQuavo, Offset noTakeff, ibisemjikelezweni wayo waseNingizimu Afrika obizwa ngeMigos Culture Tour. Uqale eThekwini wagcina eGoli izolo.

Ngesikhathi ingena esteji kuvele kwacaca ukuthi iyathandwa.

Kuvele kwachwaza, kanti nezingoma zayo oBad & Boujee, Slippery abantu bebezicula kanye nayo.

Ngaphambi kokuba ingene kuqale kwasulwa isteji ngenxa yokuthi u-AKA ubechitha amanzi phansi ngesikhathi edansa. Iphume esteji kubonakala ukuthi abantu basafuna impinda.

EThekwini indlalelwe yizilomo zabaculi be-hip hop, okunguNasty C, Riky Rick, AKA nabanye abasafufusa. Ibilethwe yiMabala Noise, ebingabaxhasi.

Indlela abebezimisele ngayo nabaculi abasafufusa, bekubonakala ukuthi bafuna ukuzakhela igama.

U-AKA , bekungathi ushayela isipikili sokugcina ngendlela elinyuke ngayo izinga lakhe uma esesteji. Ungene esteji kushunqa intuthu kunomsindo obuwenza ufune ukubona isiphetho.

Ubungathi kungena u-Undertaker we-wrestling. Abanye abaculi abanjengoRiky Rick noTira obehamba neDistruction Boys noTipcee, benze abadume ngazo kwahlanya abantu.

UNasty C uqale ngegiya eliphansi wakhuphula izinga esezophuma esteji.

Bekugcwele intsha ebonakalayo ukuthi ilethwe abazali bayishiya bezobuye bayilande.

U-AKA ngesikhathi enandisa kwiMigos Culture Tour e-ICC, eThekwini ngoLwesihlanu

Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.