Kubulawe umsizi wasendlini kugqekezelwa eyabaculi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - THOKOZANI NDLOVU

SATHUTHUMELA imenenja yabaculi esimnkantshubomvu, uVusi Leeuw, ngemuva kokugqekezwa komuzi wayo, maqede kwabulawa umsebenzi wayo wasendlini.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesibili emini, emzini kaLeeuw, e-Edenvale, eGoli.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uCaptain Jaen Olckers, uthe kulesi sigameko kubulawe owesifazane oneminyaka engu34 kwaphinde kwantshontshwa nezimpahla endlini.

“Kuvulwe icala lokubulala nelokubamba inkunzi. Okwamanje akukaboshwa muntu. Sicela onolwazi axhumane namaphoyisa ukuze kuboshwe abenze lokhu,” kusho uCaptain Olckers.

ULeeuw, uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi ubenezinsuku eziyisishiyagalombili umsizi wabo wasendlini bemqashile.

I“Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko bekungekho muntu oyilungu lomndeni. Unkosikazi wami ubeye esikoleni lapho efunda khona, kanti nezingane bezisesikoleni.

“Izigebengu zibulale uthango lomuzi, zafika ngaphakathi zabulala uMaDlamini (umsebenzi wasendlini abebemqashile).

“UMaDlamini uqhamuka eLesotho kodwa besimthole ngeagent.

“Bese kunonyaka singenaye umsebenzi wasendlini, sase siqasha uMaDlamini ngenxa yokuthi unkosikazi umatasa nokubhala ukuhlolwa kokuphela konyaka,” kusho uLeeuw.

ULeeuw, uthe uzwe ngalesi sigameko esuka eKing Shaka International, eThekwini eya eGoli.

Uthe, inkosikazi yakhe, ifike kuqala emzini wabo sekwenzeke isigameko.

Izigebengu uthe zibantshontshele ama-laptop namawashi. Akuqaphelile, uthe zigxile kakhulu ekamelweni labo lokulala njengoba kuyilona elapeqululwa kakhulu.

Ngemuva kwesigameko, uthe inkosikazi yakhe yabiza onogada ngesikhathi ibona kufe uthango ingaqondi ukuthi kwenzekeni ngaphakathi.

Uqhube wathi onogada bangenile ngaphakathi bathola ukuthi sekubulewe uMaDlamini, kwabizwa amaphoyisa.

Uthe basadidekile ngalesi sigameko ngoba yinto eqalayo ukwenzeka kule ndawo.

ULeeuw ungenye yezinkakha esezinesikhathi eside zisembonini yomculo.

Uke wasebenzela i-EMI-CCP Records, waphinde waphromotha amaciko okukhona kuwona iChiskop, iJaziel Brothers.

Uke waba yimenenja kaBoity Thulo, DJ Bongz nomsakazi weMetro FM uLerato Kganyago ophinde ethule iLive Amp kuSABC1.

ISATHUKILE imeneja yabaculi uVusi Leeuw ngemuva kokubulawa komsebenzi wayo wasendlini okusolwa isigebengu ebezizobamba inkunzi

Isithombe: FACEBOOK/VUSI LEEUW

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.