I-ANC kayeneme ngamaphoyisa eKZN

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - SAMKELO MTSHALI

I-ANC KwaZulu-Natal ikhale ngokuthi kayeneme ngokusebenza kwamaphoyisa ekuxazululeni izigameko zokubulawa kwabantu okuhlobene nezepolitiki esifundazweni.

Ithe inkinga wukuthi lezi zigameko bezingabikelwa abezindaba.

Ngokwale nhlangano, lokhu bekwakha isithombe sokuthi amacala alolu hlobo agcina ngokuyekwa angaphenywa.

Usho kanje isihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle

Zikalala ngenkathi ethula ubufakazi phambi kweKhomishini kaMoerane eThekwini, ngoLwesihlanu.

NgokukaZikalala, amacala angazange abikwe kudingeka ukuthi alandelwe.

Ngenkathi evele kwikhomishini uZikalala ubehambisana noNobhala Jikelele we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Super Zuma, nephini lakhe, uMnuz Mluleki Ndobe.

Baphendule imibuzo emveni kokuthi bethule ubufakazi ngoLwesine.

Uthe ngumsebenzi wezinhlaka ezahlukene ukuthi kubikwe ngalawa macala.

UZikalala ukhale ngamanye amacala alandelwayo kodwa kugcine kungazekanga ukuthi aphelele kuphi.

Uphakamise ukuthi kungaba yinto enhle ukuthi kwakhiwe ithimba elizinikele elizonikezwa isikhathi esanele sokuthi ligxile kula macala.

“Ezobunhloli nabashushisi kudingeka ukuthi ziwalandele la macala, ngalinye,” kuchaza uZikalala.

Utshele ikhomishini ukuthi njengamanje inkinga wukuthi sekuyinto elula ukuthi umuntu abe yikhansela.

Uthe kwabaningi ukuba yikhansela bakuthatha njengendlela yokuba semandleni ngenxa yokusweleka kwemisebenzi, ukuze bazizuzele umnotho.

“Sikholelwa wukuthi ukusatshalaliswa komnotho, kuzokwandisa amathuba okuqasha abantu abaningi, okuzosiza ekunciphiseni umqhudelwano wokuphatha,” usho njalo.

Nakuba kunjalo, uthe bakhona abajoyina le nhlangano ngezinhloso ezinhle zokuthi ikhule.

Uthe osekusele manje ukuthi banqandwa kanjani abajoyina le nhlangano ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo.

UNdobe uthe sekunomkhuba okhona kuzo zonke izinhlangano zepolitiki lapho othola khona ukuthi sekugcwele kuzona abantu abangaqashiwe abasha, nasebehola impesheni.

“Uma ungenabo abantu abavela emphakathini, kwezamabhizinisi, nakweminye imikhakha yomphakathi, akubi khona ukuzinza kwezepolitiki,” kusho uNdobe.

Uthe ukholelwa wukuthi i-ANC kumele iqale umkhankaso wokunxenxa izifundiswa ukuthi zibe yingxenye yayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.