Kusolwa ukuzidubula kowomnyango

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

KUSOLWA ukuthi uzidubule ngephutha wafa obekhulumela uMnyango wezeMpilo kuleli, uMnuz Joe Maila, obesehlale kulesi sikhundla kusuka ngo-2012. Imithombo iveze ukuthi ubesendaweni yokufundela ukudubula ngesikhathi kwehla lo mshophi.

UNgqongqoshe uDkt Aaron Motsoaledi umemezele ukushona kukaMaila, wacela abezindaba ukuba banike umndeni wakhe ithuba lokubhekana nobuhlungu bokushonelwa.

“Kubuhlungu ukunazisa ngokudlula kukaMaila. Imbangela yokushona kwakhe besingakayazi,’’ kusho uMotsoaledi.

Imininingwane yokufihlwa kwakhe ibingakaziwa. Ushiya ngemuva unkosikazi wakhe nezingane ezimbili.– ANA

ITHEMBISA lukhulu inhloko entsha yeStatistic SA uMnuz Risenga Maluleke engene esikhundleni ebesiphethwe uMnuz Pali Lehohla osethatha umhlalaphansi

Isithombe: SIGCINIWE.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.