Uthuke woma efica inyoka emshinini

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINKANYEZI -

UTHUKA izanya owesifazane ohlangabezane nohalakaqa lwenyoka lucambalele emshinini wakhe wokuwasha izingubo. Lo wesifazane ubelungisa izingubo zomndeni wakhe abezoziwasha ngesonto eledlule.

Uthe eseziqoqe wazibeka intaba, wase evula umshini eselungisela ukuvulela amanzi empompini.

UNkk Zhang ohlala eBeiti Village eChaozhou, eChina, utshele abesiteshi sethelevishini iGuangdong ukuthi uzithele phezu kwale nyoka ngesikhathi ethi uvulela amanzi ukuze aqale awashe.

Uthe uqale wazitshela ukuthi kukhona ofake ishidi elingcolile emshinini ngesikhathi ebona into angayiqondi kahle. Ngesikhathi ebukisisa kahle, ivele yanyakaza okwenze wethuka kwangathi kuzophuma inhliziyo ngomlomo.

“Ngithuke ngendlela engikaze ngiyibone. Namanje ngisathuka angazi noma ngizoke ngilale kahle yini,” usho kanje.

Usola ukuthi ingene ngasohlangothini lwegceke afuye kulona izinyosi zoju.

Le nyoka eyingozi ibiyinde ngendlela exakile, ishaya ngesisindo sika-26kg.

Kubizwe abezemvelo abafike bayikhipha ngobunyoninco. Lolu hlobo lwenyoka luthathwa njengezisengozini yokushabalala eChina, ngakho zivikelwe. – The Daily Mail

UNGENZE njani uzithole ubhekene nohalakaqa lwenyoka endlini? Lokhu kwenzeke kuNkk Zhing waseChina obethi uwasha izingubo zomndeni wakhe Isithombe: THE DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.