Kudida abashayeli ukulungiswa komgwaqo

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINKANYEZI -

UKULUNGISWA kabusha komgwaqo sekushiye abashayeli bephithanelwe ngamakhanda esifundazweni, iHebei, eChina.

Kubikwa ukuthi izikhalo zingena zingenile emahhovisi ezokuthutha ngenxa yobuningi bolayini nokwenza abashayeli baduke abanye bame nse phakathi nomgwaqo ngenxa yokudideka.

Umbiko osanda kuphuma kwiphephandaba iPeople’s Daily Online, uthi lo mgwaqo ulungiswe ukuze ubukeke nokusiza uma idolobha eliseduze kwawo iBeijing lisingatha imidlalo yamaWinter Olympics ngo2022.

Selokhu ulungisiwe kugqame olayini abamhlophe abadwetshiwe nokuyibona okuthiwa badida abashayeli kakhulu. Okwamanje akukho zimpawu emgwaqweni.

Iziphathimandla seziyale abashayeli ukuba behlise umoya nokuthi balandele olayini kuphela.

Yize besho kanjalo kodwa ziyanda izinkinga zokuduka kwabantu nezingozi kulo mgwaqo.

Oseke wasebenzisa lo mgwaqo wamnika inkinga uthe: “Ngilinde kufike izivakashi sibone ukuthi zizokwenzenjani.”

Omunye uthe abantu abadala, yibo abathwele kanzima kakhulu, baphethwe amakhanda ngenxa yale nkinga esemgwaqweni engagwemeki.

– The Daily Mail

INTUTHUKO yemigwaqo eChina ishiya abashayeli bephithene amakhanda ngenxa yemigwaqo exakile

Isithombe: THE DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.