Umama uneke ingane kucwazi

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINKANYEZI -

UGXEKWE kakhulu owesifazane ofake kucwazi indodakazi yakhe, maqede waneka ocingweni ngemuva kokuba inethwe yimvula.

Kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, lo mzali wenze lokhu ngoba ethi ukhathele wukusula ingane yakhe, kungcono ayineke ize yome.

Okukhathaza abantu abamgxekayo wukuthi uyifake kucwazi, ongayilimaza uma ungayisika noma uqathakele phansi igcine ilimele.

Yize iningi labantu likhathazekile kodwa kwivideo okusolwa ukuthi iqoshwe nguye unina wale ngane, ibonakala ingazi nanyaka.

Kunalokho iyazidlalela inyakaza kancane sakudansa, inezele ngokucisha iso, kulo cwazi efakwe kuwona.

Kugcine kungatholakalanga ukuthi laba ngabakuyiphi indawo neChina. – The Daily Mail

AKAZI nanyaka umuntuza onekwe ocingweni lwezingubo ngunina ngoba emanzi te ngenxa yemvula

Isithombe:

THE DAILY MAIL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.