USandy B nendlela enzima yempumelelo

Isolezwe ngeSonto - - ABANTU - CHARLES KHUZWAYO

BANYE bamazi ngoSandy B, abanye bamazi ngoMsendis, abanye uMr Jones, muva nje kuFacebook uzibiza ngoSandy B Matsinhe.

Uma ukhuluma naye uyathola ukuthi la magama aziqambe wona yingoba akazazi ukuthi ungowakwabani isibongo.

Yize engasazi isibongo kodwa ugcine ezibiza ngoSandile Bhengu okuyisibongo okushadele kuso unina.

Uzishaya isifuba ngokuvumbulula ikhono lomdanso likaZakes Bantwini nelikaLekomotion.

Asebenesikhathi bekhona endimeni yomculo bayamazi esadume ngenoni elaba ngelokuqala le-kwaito elakhiqizwa wumculi waKwaZulu-Natal elalithi Amajovijovi. Le ngoma yabuye yenziwa kabusha nguDJ waseThekwini uDJ Bongz owayifaka kwiCD yakhe yokuqala eyahlabana ngePlatinum eyayithi

No Retreat No Surrender, eyayigabe ngenoni elalisihloko sithi Thina Sobabili.

Yize le ngoma seyiyiqedile iminyaka engu-20 yaqanjwa kodwa namanje isathakaselwa kakhulu njengoba seyenziwe kabusha nayizingwazi zamazwe ngamazwe, okubalwa neyaseCanada. Nakuba uSandy B esaqhubeka nomculo

A

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.