Ukhuza ibuya owageja kuma-Idols

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - THOKOZANI NDLOVU

UKHUZA ibuya emculweni umculi we-Afro pop, uSonke Mazibuko (25) obesecwile, owaphuma sebesele bebathathu emqhudelwaneni wama- Idols SA ngo-2013.

USonke uthe yize kwasala kancane ukuthi anqobe umqhudelwano, wayezitshela ukuthi izinto zizohamba kahle ngoba wayesaziwa ngenxa yawo.

“Noma bengiqashwa emicimbini eyahlukene, kodwa bekungenzeki ngendlela ebengizitshela ngayo ngenxa yodumo lwami.

Obekuphinde kube nzima wukuthi bengingenayo inkampani yomculo engiqopha ngaphansi kwayo nezingoma zami bezingadumi ngendlela ebengizitshela ukuthi kuzokwenzeka ngayo. Obekunginika ithemba ukuthi kwesinye isikhathi abantu bayakwazi ukungibona uma ngiqhamuka abanye baze bashuthe nami,” kusho uSonke.

Muva nje uthe usetholwe yinkampani yomculo eseyintsha kulo mkhakha, iBlack Signature aseqopha ngaphansi kwayo.

Useqophe umucu ngaphansi kwayo, Ikwekwezi.

Uthe abantu abalindele i-albhamu yakhe yokuqala ye-Afro pop azoyikhipha ngePhasika ngonyaka ozayo.

Umculi athe kungenzeka abe khona, uJoe Nina, njengoba kunguyena ongumeluleki wakhe emculweni.

Inkampani yomculo aqopha ngaphansi kwayo, uthe ngeyomunye umlingisi wethelevishini angakazimiseli ukumdalula okwamanje. Uthe lokho kungenxa yokuthi naye usanda kuyisungula, okuningi akukahlangani kahle kuyona.

Ngo-2013 ahlulwa ngawo kuma- Idols SA, uSonke, unyaka okwanqoba ngawo uMusa Sukwene.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.