Kuya kuwulungela uMthwal

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - THOKOZANI NDLOVU

KUBUKEKA kulihambela kahle iqembu lomculo elidlala izinsimbi kuphela, uMthwalume Brass Band, njengoba selithola nemisebenzi emikhulu.

Lokhu kulandela ukuthola kwalo umsebenzi wokuba sesikhangisweni sakwaVodacom, esibizwa nge-Iron Man, lisebenzisana neThe Bomb Productions, ekhiqiza Isibaya kuMzansi Magic.

Umphathi walo, uLindani Mkhize, onguthishanhloko eGobhela Primary, eMthwalume, uthe lisebenzisana noZakhele Mabasa onguSkhaleni kwiSibaya kulesi sikhangiso, esizobonakala kwithelevishini maduze.

“Iqembu ngilibumbe ngisafundisa eMthwalume Combined.

Ngiliqale ngabafundi abangu-10 kodwa selinamalungu angu-38. Inhloso ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni njengoba kumanje sinabafundi abasemanyuvesi, abangabulokothi utshwala nogwayi.

“Amalungu alo akusebona abafundi baseMthwalume Combined kuphela, kodwa sekukhona nabakwezinye izikole ngoba baningi abathanda ukuba yingxenye yalo.

Ngenhlanhla selithola nemisebenzi emikhulu manje njengoba komunye lamukela Dlamini Z

UMkh selinemin lihola um yezindon kumashw

Ngaph ukunand emikhulu imindeni njengoba kungabaf emindeni

Uthe n beyithole kweqemb imindeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.