OwoSuthu uthembisa elinenkosi phakathi koweChiefs

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - NHLANHLA SITHOLE NHLANHLA SITHOLE

KUTHATHWE izinqumo ezinqala engqungqutheleni yeSafa ebiphuthuma ebizokwenza izichibiyelo kumthethosisekelo.

Le ngqungquthela ebihanjelwe ngumengameli weCosafa uPhilip Chiyangwa nephini likaNgqongqoshe wezeMidlalo kuzwelonke uGert Oosthuizen, ibise Sandton Convention Center, eGoli ngoMgqibelo izolo ekuseni.

Ezinqumweni ezithathwe khona kube ukusungulwa komqhudelwano ozokwaziwa ngeSuper Cup.

Amaqembu azodlala kulo mqhudelwano kuzokuba yiqembu elidle umhlanganiso kwiPremier Soccer League, Nedbank Cup, National First Division nakwiABC Motsepe.

Usihlalo wePremier Soccer

UJABULANI “Slow Poison” Ncobeni ongomunye wabadlali okubhekeke ukuba babe yiva elihlabayo kubadlali basemuva beKaizer Chiefs ukhombisa ukuvuthwa ngendlela asewubuka ngawo umdlalo webhola.

Lo mdlali onomjiko oya phambili ukufakazele lokhu ngendlela aphawule ngayo ngemuva kokuqhathwa neKaizer Chiefs kwiTelkom Knockout okuqhudelana kuwo amaqembu angu-16 adlala kwi-Absa Premiership.

“Asinandaba nokuthi siqhathwe nobani ngoba sonke sizimisele ukusebenza kanzima ukubeka iqembu lethu endaweni enhle nokubuyisa isithunzi salo.

“Ibhola yinto ongeke uyiqonde, yona ayidlali kahle kulezinsuku kodwa lokho akufanele kusibuse emakhanda ngoba singazithola sesisenkingeni.

“Sidlalela indebe lokho okuzochaza ukuthi kufanele sisebenze kanzima ukuze sidlulele esigabeni esilandelayo,” kusho uNcobeni.

Mayelana nokudlala kahle kwakhe selokhu ethole ithuba lokudlala kuMaZulu uthe lokho kungenxa yomqeqeshi (Cavin Johnson), nozakwabo yikhona okunomthelela omuhle ekudlaleni kwakhe.

“Ngingathi indawo esikuyona isenza sikhululeke siphile ngaphakathi emphefumulweni.

“Umqeqeshi abadlali abangozakwethu yibona abangenza ngidlale kahle yingakho ngidlala kahle,” kusho uNcobeni.

Mayelana nesinqumo asithatha sokushintsha impilo nokuziphatha nokuthi ngabe usabambelele kusona uthe lokho ngeke kushintshe.

“Njengoba ngake ngasho ukuthi sengishintshile namanje kusenjalo.

“Ubonile indlela engidlala ngayo nokuqokwa njengomdlali ovelele kuyakhomba ukuthi sengiphila enye impilo.

“Kumqoka ukuthi empilweni kwesinye isikhathi uzazi ukuthi ufunani.

“Okunye siphethwe ngendlela enhle kakhulu kuMaZulu ngakho akukho ongakubeka njengezikhalo, yonke into ihamba kahle kithina sonke,” usho kanje.

Uphethe ngokuthi kulabo abathi badlalela ukuvika izembe bayazikhulumela ngoba phela wonke umuntu unelungelo lokusho into ayicabangayo.

“Abathi sidlalela ukuvika izembe bayazisholo ngoba phela banelungelo lokuzwakalisa imicabango

yabo.

“Engikwaziyo wukuthi thina asinawo lowo mcabango.

“Ekugcineni yithina esidlalayo nokuthi yini esiyifunayo.

“Thina okwethu wukudlalela ukuqeda kwiTop 8 ngokuphela kwesizini.”

Womabili la maqembu kungenzeka adlale lo mdlalo ngaphandle kwezihlabani zawo.

Ngasohlangothi lwaMakhosi abadlali okubikwe ukuthi balimele ngoTeenage Hadebe, Ramahlwe Mphahlele, Emmanuel Letlotlo,

Kgotso Moleko, Lerenzo Gordinho noTshepo Masilela.

Ngakubafana baseMbelebeleni okungenzeka bangabonakali ngo-Ovidy Karuru, Thembela Sikhakhane, Butholezwe Ncube, Augustine Ramphele nokaputeni uTapelo Nyongo.

Kulo mdlalo Amakhosi kulindeleke agabe ngabadlali abathathu baseMgungundlovu okungoPhilani Zulu, Dumisani Zuma noWiseman Meyiwa.

Umdlalo wala maqembu anomlando omude ebholeni elikhokhelayo uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.

Eminye imidlalo imi kanje: NgoLwesihlanu : Maritzburg United v Platinum Stars (Harry Gwala, 8pm).

NgoMgqibelo: Lamontville Golden Arrows v Orlando Pirates (Princess Magogo, 3.30pm), Polokwane City v Ajax Cape Town (Old Peter Mokaba, 3.30pm), Bloemfontein Celtic v SuperSport United (Dr Molemela, 6pm), Bidvest Wits v Free State Stars (Bidvest Stadium, 8.15pm),

NgeSonto: Chippa United v Mamelodi Sundowns (Sisa Dukashe Stadium 3.30pm), Baroka FC v Cape Town City FC (Peter Mokaba Stadium 3.30pm).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.