OweSuperSport ukhala ngomgolo weDowns

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

ISOLWA ngomhobholo iMamelodi Sundowns edlale ibhulukwe iSuperSport United iyisabisa ngokuyihlwitha isibabuli sayo uThemba “Mshishi” Zwane.

Ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali iSundowns ibifuna uthuli umgadli weSuperSport uJeremy Brockie.

Lo mgadli odabuka eNew Zealand uze wafaka isicelo sokushiya kuleli qembu ngoba efuna ukuyodlala kwiSundowns.

ISuperSport igcine inqabile yathi ngeke imdedele ngoba usanda kuvuselela inkontileka yakhe neqembu.

Ngemuva kwalokho iSuperSport isabise iSundowns ngokuyithathela izinyathelo zomthetho ngokushela uBrockie esithe. Usihlalo weSuperSport, uKhulu Sibiya, utshele Isolezwe ngeSonto ngemuva komdlalo wezakhe neCape

Town City wamanqamu weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto ukuthi iSundowns inomhobholo.

“ISundowns bengiyifundisa isifundo. Angifuni ukungena ezimpini zomthetho kodwa kumqoka ukuthi abantu balandele imigudu efanele ngoba nami ngenza okufanelekile. Ngesikhathi ngibabuza ukuthi madoda nifuna uBrockie ngabe sengithi ake ngithathe uThemba Zwane-ke ngemuva kwalokho baqala batatazela. Kungani betatazela? Kungani betatazela uma befuna abadlali bamanye amaqembu kodwa bona bafuna ukuzithathela abadlali bamanye amaqembu? Akumele benze izinto ezingalungile, abalandele imigudu efanele,” kusho uSibiya..

“Njengamanje senginezinkomishi ezingu-11.

Ngiwumuntu wezicoco. Bonke abaqeqeshi engike ngabaqasha basangilethele izicoco. Uyedwa kuphela umqeqeshi ongazange angilethele isicoco. Lowo nguCavin Johnson. Izicoco yizinto zami. Into engichazile ngalo mdlalo yindlela iqembu elilwe ngayo. Iqembu lami lingikhombisa ukuthi akekho umdlali ohlukile kunomunye. Akekho umdlali omkhulu lapha eqenjini. Badlala njengeqembu futhi bafa njengeqembu enkundleni. Abalilahli ithemba futhi ayikho into edlula leyo. Ukuba yimbumba kweqembu yikona okuletha impumelelo. Lapha singumndeni,” kusho uSibiya.

Exoxisana naleli phephandaba umqeqeshi weDowns, uPitso Mosimane, wayihlaba wayihlikisa indaba yokuthi bakhuluma nabadlali bamanye amaqembu esithe.

Namuhla iSuperSport izobhekana neClub Africain yaseTunisia emlenzeni wesibili weCaf Confederation

Cup. Umlenze wokuqala obuseLucas Masterpieces Moripe, e-Atteridgeville, uphele ngo 1-1.

Lo mdlalo okulindeleke ushise zisuka uzosakazwa bukhoma kwi-SS4 ngo 7.50 ebusuku. Okungaziwa-ke ukuthi ezika-Eric Tinkler zizokwazi yini ukuphendula amatafula njenggoba zenza eLevy Mwanawasa, eNdola eZambia, zibuya sekuvalwe amehlo.

USIHLALO weSuperSport United uKhulu Sibiya okhala ngomhobholo weMamelodi Sundowns

Isithombe: BACKPAGEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.