Kuvele izinqumo ezinqala kweyeSafa

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO -

League u-Irvin “Iron Duke”Khoza, ecelwa yiSolezwe ngeSonto ukuba aphawule ngale zinguquko ngoba zizothinta izinhlelo zePSL, uthe: “Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalesi sinqumo ngoba udaba olusazohlalelwa yiJoint

Liason Committee okuyilapho kuyodingidwa imininingwane yomqhudelwano.”

Lo mqhudelwano uzofana ncamashi nalowo owawudlalwa ngeminyaka ka-1970 kuya ekuqaleni ka-1980 lapho iqembu elalidle umhlanganiso kwiCastle League ngaphansi kweNational Professional Soccer League (NPSL), elikaSecond Division, Promotion League nelalikade linqobe umqhudelwano eyayifana neBenson and Hedges noma iMainstay Cup.

Lo mqhudelwano yiwona owaveza iSeshego Stonebreakers eyashaya kabuhlungu iKaizer Chiefs.

Esinye isinqumo esithathwe engqungqutheleni kube wukuqashwa kweChief Operations Officer (COO), Chiefs Financial Officer (CFO).

Kuphinde kwaphundlwa isibalo samakomiti sisuswa kwawu-20 ehliselwa kwawu

14. Lokhu kwenziwe ukuze kuhambisane nomthethosisekelo weFifa neCaf.

Kuzona lezi nqumo kuvunyelwane ngokukhethwa kwamaphini kamengameli weSafa amane.

Kuwona kufanele kubekwe isikhala sephini lesifazane nelikasihlalo wePSL.

U-Oosthuizen ugcizelele ngokuthi iSafa kufanele iqhubeke nokwengamela ibhola lezikole, ngenhloso yokuthuthukisa umdlalo kanobhutshuzwayo.

Uthe ukwengamenyelwa yiSafa kwebhola lezikole kuzosiza ekutheni kusabalalise isibalo sabadlali abayoqokelwa emaqenjini esizwe.

Leli phini likaThulasi

Nxesi lifisele iBafana Bafana impumelelo emdlalweni wayo neSenegal kuhlungelwa ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

Liphinde llagcizelelala ukusukunyelwa kokulingana ngokobulili kuzona zonke izinhlaka.

Mayelana nokubambana ngobhongwane kwamaqembu ebhola nelesizwe uthe kuzokufanele iSafa nePSL bahlangane ukuze bathole isisombululo saphakade.

Umengameli weCosafa uChiyangwa uveze ukuthi amahhovisi eCecafa neCosafa azokuba seNingizimu Afrika.

Unxenxe izithunywa ebezikulo mhlangano ukuthi ziphinde zibuyisele umengameli weSafa, uDanny Jordaan, esihlalweni sokwengamela le nhlangano elinye ihlandla ngoba unamava ukubedlula bonke esigungwini seCaf.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.