UBolt uhamba noMasuluke koweFifa

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MALIBONGWE MDLETSHE

UMA kungaya ngokwezifiso zengqwele yezejubane yaseJamaica, u-Usain Bolt, ngunozinti waseNingizimu Afrika u-Oscarine Masuluke ozogiya nomklomelo weFifa Puskas Award emcimbini wemiklomelo kanobhutshuzwayo womhlaba eLondon, e-England kusasa.

Minyaka yonke iPuskas Award inikwa umdlali oshaye igoli eliwubutsetse ukuwedlula wonke emhlabeni jikelele.

UMasuluke ovimba kwiBaroka FC yaseLimpopo ungene emlandweni eqokwa ngegoli lakhe elinguqethu alishaye bebhekene ne-Orlando Pirates ngesizini edlule.

UBolt ucashunwe engxoxweni ekhethekile kwi-website yeFifa ngesikhathi eveza ukuthi uhamba noMasuluke waseGiyani.

“Ngingavotela u-Oscarine Masuluke. Ukushaya uqethuka onje sekusele amanenjana kuphele umdlalo, ekubeni ungunozinti kuyamangalisa,” kusho uBolt.

Ngokwesibili iminyaka ilandelana ukuthi umdlali waseNingizimu Afrika aqokwe embangweni weFifa Puskas.

Nyakenye bekunguHlompho Kekana weMamelodi Sundowns. Waba sohlwini lwabagaqele lesi sicoco ngemuva kokubhakuzisa ekude le, iBafana Bafana ibhekene neCameroon.

UKekana kodwa akengenanga kwabathathu bokugcina okwenza uMasuluke abe ngumdlali wokuqala wase-Afrika ukufinyelela kulesi sigaba somklomelo.

UMasuluke ulibangise eLondon izolo ephelezelwa wusihlalo weBaroka FC uKhurishi Mphahlele nesikhulu esiphezulu uMorgan Mammila.

UMasuluke ubanga nomdlali wesifazane waseVenezuela uDeyna Castellanos no-Olivier Giroud waseFrance owashaya isithende somhlaba i-Arsenal

ukushintshela ebholeni elikhokhelayo, akaqali ukuveza ukweseka kwakhe umdlali waseMzansi. Lolu ngqwazi lomsubathi obelugijima lushiye isithunzi kwi

100m nakwi-200m aluzange lumfele umona uWayde van Niekerk ngemuva kokukwephula irekhodi lomhlaba ku-400m.

Le ngqayizivele yethuba izomenza uMasuluke abe mdibi munye nezingwazi zikanobhutshuzwayo ezinjengoNeymar ogijima kwiParis Saint Geirmain, Lionel Messi oyibamba kwiBarcelona.

Abanye osaziwayo bakanobhutshuzwayo azohlangana nabo uZinedine Zidane ocija iReal Madrid noCristiano Ronaldo owenze umsebenzi oncomekayo ngesizini edlule benqoba i-Ueaf Champions League, La Liga neFifa Club World Cup neSpanish Super Cup.

UNOZINTI weBaroka u-Oscarine Masuluke ozothola ithuba eliyingqayizivele lokuba mdibi munye nabadlali abahlonishwa umhlaba wonke kwiFifa Puskas Award aseLondon kusasa

Isithombe: BACKPAGEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.