Akayingeni eyokuxhamazela umqeqeshi we-Eagles

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - NHLANHLA SITHOLE

AKAFUNI ukuxhamazela ngokuqoka iphini, umqeqeshi weRoyal Eagles, uZipho Dlangalala ngoba ekholelwa ngokuqale asebenze nabantu abathole phambili ukuze abone ukuthi bayakwazi noma kunokwehlukana ngemibono.

UDlangalala ufike kwi-Eagles ethatha izintambo ku-Allen Freese wasebenzisana noBrendon Truter, odabuka eKapa obevele esebenza nomqeqeshi obekhona phambili, okuyinto engajwayelekile kubaqeqeshi bakanobhutshuzwayo.

Ngokwejwayelekile abaqeqeshi baye bathande ukusebenza nephini abasuke beziqashele bona. Uthe yena ungumuntu ongajahile ukwenza izinguquko.

“Angiyena umuntu othanda ukusheshe enze izinguquko.

“Ngiyakholelwa ekutheni kufanele usebenzisane nabantu osuke ubafice phambili, ubacathulise kwezinye izinto.

“Abanye bayaphumelela kulokho kucathuliswa.

“Okwamanje wonke amaqatha asabiliswa ebhodweni elilodwa, kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi ayavuthwa yini,”kusho uDlangalala.

Leli qembu elizinze eMgungundlovu lingelinye lamaqembu okubhekeke ukuthi abe sembangweni wesicoco seNational First Division (NFD) ngokuphela kwesizini.

Kuyinto engafihliwe ukuthi usihlalo wayo uSbu Mpisane, ufuna ukubona leli qembu lidlala esigabeni sePremiership esikhathini esizayo.

Ngesikhathi esungula leli qembu wayenethemba lokuthi lizokwazi ukunyukela esigabeni esikhulu ngesizini yalo yokuqala, okwagcina kungenzekanga.

Ngemuva kokunqoba imidlalo emibili ilandelana ngaphansi kobuholi bukaDlangalala, lo mphumela ulithathe walibeka endaweni yesithupha kwi-log, ngamaphuzu ayisishiyagalombili.

UDlangalala ephawula ngesimo seqembu uthe: “Siyaqhubeka nokuhlanganisa iqembu kodwa umdlalo esizowudlala neMbombela akuwona umdlalo olula, ngakho ngiyethemba ukuthi uzongibonisa ukuthi lesi sihlenga engisigwedlayo sizokwazi yini ukufinyelela ngaphesheya osebeni lomfula.”

Ebuzwa ukuthi ngabe zikhona yini izindawo adinga ukuziqinisa, uthe okwamanje azikho kuphela kudingeka alungise okuthile kubadlali abakhona.

“Akukho ngokwabadlali okudinga siqinise khona ngaphandle kokuthi ngibona kusadinga umuntu asebenze kakhulu kukhona yiziqubu zomdlalo.

“Kusekhona lapho abadlali besala khona ukuthi kufanele benze njani uma belahlekelwa yibhola.

“Ngokunjalo uma bethatha ibhola ezitheni abakaqondi kahle ukuthi kufanele bedlale kanjani nokuthi bangena kanjani ezikhale ukuze kuhlaselwe izitha,” kusho uDlangalala.

Imiphumela yayizolo yeNFD

Mthatha Bucks 2 CT All Stars 1; TT Madzivhandila 1 Stellenbosch 0; Witbank Spurs 1Ubuntu CT 0 ; Richards Bay 1

Uthongathi 1 ; Highlands

Park 3 Super Eagles 0 ; Mbombela United 2

Royal Eagles 1;

Namuhla ngo-3.30 ntambama:

Pretoria Uni v Black Leopards

(ABSA Tuks Stadium); Jomo

Cosmos v Real Kings (Vosloorus Stadium).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.