Ubheke iBanyana ibabe njengopelepele

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MALIBONGWE MDLETSHE

U-AMANDA Dlamini ongomunye wabesifazane baseNingizimu

Afrika abagqamile kunobhutshuzwayo , ubona kuzokwenza ibabe njengopelepele iBanyana Banyana ukugixabezwa ngemali kwabadlali bayo abavelele.

UDlamini, ongene emlandweni eba ngukaputeni wokuqala ukuhola iBanyana izibekisela indawo kuma-Olympic Games abeseLondon ngo-2012, ubephawula ngesiphakamiso sabakwaSasol sokuthi kusukela emdlalweni wanamuhla iBanyana ezogijimisana kuwo neBurkina Faso, umdlali wosuku (Diski Queen) uzothola u-R10 000.

Lokhu kushicilelwe kwiwebsite yeSafa eveze nokuthi iSasol isanda kuvuselela ngeminye iminyaka emine ukweseka kwayo ibhola labesifazane.

Ubezwakala uDlamini ukuthi eka-R10 000 imshaya ngaphakathi.

“Ngijabule kakhulu ngalokhu,” kusho uDlamini waseHarding, KwaZuluNatal..

“Ukube ngabanye abantu hhayi iSasol ngabe ngithi sebeqala ukubona amandla ebholeni lethu. ISasol kodwake kade yaqala ukuwabona lawo mandla.

“Okungijabulisa kakhulu wukuthi kusho ukuthi isikwati sethu sisazovutha bhe ngoba phela akekho ozozithela ngabandawo aziphuthisele ngo-R10 000.

“Cabanga nje uma uyithatha kathathu kulandelana usuno-R30 000.”

Namuhla iBanyana izobe iqala ngqa emlandweni wayo ukudlala neBurkina Faso. Umdlalo wala maqembu useDobsonville Stadium, eSoweto ngo 3 ntambama

Okunye okuzobe kuqala ukwenzeka wukungena kwayo enkundleni kusukela ibe ngompetha be-2017 Cosafa Women Championship eyithathe eZimbabwe ekupheleni kukaSepthemba.

Ebuzwa uDlamini ongakaphumeli obala ukuthi ngabe usethi khumu yini ekudlaleni kwazise kulezi nsuku usebonakala kwiSuperSport ehlaziya ibhola ukuthi bebejwayele ukuthola malini uma beyiDiski Queen, imangazile impendulo yakhe.

“Hhawu uyabuza? Besizitholela izimbali nje. Ubuthola i-rose nje engahambi nanokhamba lokuyifaka,” esho ensinsitheka kancane uDlamini.

“Kungabe udlala kwiBanyana noma kwiSasol League. Bekuze kube ngcono kumaNational Championships ngoba imbali ibihambisana nesheke engigcine selingu-R1000 uma uqokwe waba umdlali wosuku.”

UDlamini owayengukaputeni weBanyana wadlala nakumaWorld University Games ubekhona nakumaOlympics abeseRio de Janeiro eBrazil ngonyaka odlule.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.