IPhini leMeya liboshelwe imikhuba yocansi

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - MLUNGISI GUMEDE

LICHITHE impelasonto ezikhindini iPhini leMeya laseMkhandlwini waseBaqulusini ngemuva kokuboshwa mayelana nezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi.

Leli khansela elingeke lize lidalulwe ngoba alikabuzwa ukuthi liyalivuma noma liyaphika yini icala, kulindeleke ukuthi livele enkantolo kusasa.

Umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni ehamba nommeli wakhe.

Umsolwa, usolwa ngokuhlukumeza ngokocansi owesifazane maphakathi nale nyanga.

Kuthiwa umsolwa wanika lona wesifazane i-lift, wahamba naye waya ehlathini, lapho afika khona waqala wamthintathinta, wabe esemcela ukuthi akamncele ubuntu bakhe.

Isisulu kuthiwa sanqaba, umsolwa wagcina eseshaya indlwabu phambi kwaso.

Amakhansela e-IFP eZululand kubalwa nomholi weqembu osesikhundleni esiphezulu, kuthiwa azame ngayo yonke indlela ukuthi anxenxe amaphoyisa ukuba esule icala, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Umsolwa uke waba sembangweni oshisa phansi wesikhundla sobuMeya eBaqulusini, kodwa wagcina engalibonanga elidlalayo njengoba kugcine kungene uMnuz Jerry Sibiya.

Umhlahlandlela wakhala ngokuthi umsolwa akakaqini ukhakhayi, wathi kuzofana nokumphosa emphandwini wezingonyama ukumfaka kwesobumeya.

Imizamo yokuthola uSomlomo eMkhandlwini waseBaqulusini uMnuz Michael Khumalo ayizange iphumelele izolo njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

USotshwebhu wamakhansela e-ANC eBaqulusini uNkk Maria Mabaso, uthe bazwile ngezinsolo zokuboshwa kwePhini leMeya.

“Sizwile ngalezi zinsolo, kodwa sizolinda umkhandlu ukuthi usibikele,” kusho uNkk Mabaso.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu

Natal uLieutenent Colonel Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuboshwa kwePhini leMeya.

“Umlisa oneminyaka engu-30 ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngecala elithinta ucansi. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yaseVryheid ngoMsombuluko (kusasa).”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.