Siqala ngoLwesithathu isiteleka samaholo eziteshini zakwaSABC

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - DELI MNCWABE

BAZOBEKA phansi amathuluzi okusebenza bateleke abasebenzi bakwaSABC ngoLwesithathu.

Lesi sinyathelo sithathwe yizinyunyana ezimele abasebenzi iCommunications Workers Union (CWU) neBroadcasting, Electronic, Media & Allied Workers Union (Bemawu).

Lesi sinyathelo sokuteleka sidalwe wukufika kwangqingetshe kwezingxoxo zokwenyuswa kwemiholo.

Abasebenzi bafuna ukwenyuselwa umholo ngo-10% nokunikwa amabhonasi ngoDisemba kanti ibhodi entsha esanda kuqokwa yakwaSABC ithi ngeke ikwazi ukukwenza lokho.

Ngokwemithombo ekwaSABC, sekuphele iminyaka emibili abasebenzi benganyuselwa imiholo nokuyinto ebakhathazayo.

“Inzalo yemali mboleko yenyuka njalo, kodwa imiholo yethu imi ndawonye. Alikho iqiniso kulokhu,” kusho omunye umsebenzi.

Omunye uveze ukuthi lesi siteleka singase sihlukumeze abasebenzi abayitoho ngoba sekukhona ababasabisayo uma beke bangena emsebenzini kusatelekiwe.

“Sizoya kosebenza ngoba akukho esizokwenza, kodwa sinovalo ngoba kukhona abasisabisa ngokusenzakalisa,” kusho umsebenzi osabayo.

NgoLwesine ekuseni, lezi zinyunyana zibabele kwaCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) eGoli ziyofaka isicelo sokuteleka nokugcine kuvunywe ukuba sibe ngoLwesithathu.

Okhulumela iBemawu, uMnuz Hannes du Buisson uthe: “Sekuphele izinyanga eziyisishiyagaloluye sinezingxoxo zokukhushulelwa imiholo, kodwa asinikwa lutho.

“Lokhu kuyawacasula amalungu ethu. Ngenxa yale mpendulo sebesiyalele ukuthi kungcono bateleke.”

Okhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago, uthe bebengakayitholi incwadi egunyaza isiteleka.

Ukuteleka kwabasebenzi kungase kuphazamise ukusebenza kwemisakazo emikhulu engu-18 efana noKhozi FM, Metro FM, Motsweding, Umhlobo Wenene, 5fm neminye emingi.

Lapho kubalwa neziteshi zethelevishini iSABC1, SABC2 neSABC3.

Izinkinga zemali esihaqe iSABC zidale ukuthi ibhodi esanda kuqokwa iveze ukuthi ayizohola izinyanga ezintathu ezizayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.