Oweplani yomuzi kaZuma uthembe abameli abasha

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - LUNGANI ZUNGU

UMDWEBI wamaplani emizi, owadweba eyomuzi kaMengameli Jacob Zuma, uMnuz Minenhle Makhanya usebeke amathemba akhe enkampanini entsha yabameli ayiqoke ukuthi immele.

ISunday Tribune enguzakwabo weSolezwe ngeSonto, ithole ngomthombo wayo ukuthi uMakhanya weMinenhle Makhanya Architects, usejube inkampani entsha yabameli ezinze eMhlanga eThekwini, i-Anitha D Chetty & Associates ukuthi kube iyona eqhubeka necala abhekene nalo.

Lokhu kuza ngemuva kokuba iSpecial Investigating Unit (SIU) ifuna akhokhe u-R155 million. Abameli abasha ubathathe ngemuva kokuba abebemmele okuyiXulu Attorneys Inc behoxile.

U-Anetha Chetty ukuqinisekisile ukuthi yibona asebejutshwe ukuthi baqhubeke nokumela uMakhanya kodwa wathi basahlalelwe umsebenzi wokubheka imiqulu yamaphepha athinta lona.

Ngokombiko owathulwa ngowayenguMvikeli woMphakathi, u-Adv Thuli Madonsela, uMakhanya wahlomula ngo-R16.5 million ngokudweba iplani yomuzi kaZuma.

Ukulungiswa kabusha komuzi kaZuma waseNkandla kwadla u-R245 million, okuyinto eyagcina iphoqe uZuma ukuthi abuyisele emuva u-R7.8 million ayewuhlomule ngokungemthetho.

Ngasekuqaleni kwale nyanga oyinhloko kwi-SIU, u-Andy Mothibi utshele amalungu ephalamende ukuthi sebewafakile amaphepha asenkantolo angamakhasi angu-92 000, futhi sekusele kancane bafake uMakhanya enkantolo.

Isazi sezomthetho uSolwazi Shadrack Gutto sithe: “Kungani kukhethwe abantu abangangene kangako kuleli cala, bashiya abangongqondongqondo kulona? UMakhanya ube yimbuzi yomhlatshelo kuleli, kanti bakhona abantu okumele kubhekwane nabo kulona.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.