UMbeki ukhale ngabaholi be-ANC abazinothisayo

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA -

OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Thabo Mbeki, uthi inkinga yokuzitapela kwabaholi be-ANC ezimalini zomphakathi ngenhloso yokuzicebisa, indala kakhulu yaqala ngo-1994 ngesikhathi ithatha izintambo zombuso.

UMbeki ubekhuluma esikhumbuzweni e-University of Witswatersrand ngoLwesihlanu, esikhumbuzweni sika-Oliver Tambo owayeyisigomagoma somzabalazo. Ukhale ngabaholi bale nhlangano, wathi babona umbele ogwansile kuhulumeni. Uthe amalungu aleli qembu awasalawulwa yimigomo yokubeka phambili inhlalakahle yabantu.

“Lokhu kusikhombisa ngokusobala ukuthi uKhongolose ugcwele abantu abangiyiqondi kahle imigomo yawo. Abakwaziyo nje ukuzicebisa bona besebenzisa izinsiza zikahulumeni. Laba bantu bagudlukile emigomweni ayehamba ngayo uTambo,” kusho uMbeki.

Uthe le nkinga ebhekene naleli qembu elidala kunawo wonke emzabalazweni, libhekene ninkinga enkulu kunazo zonke eyake yabhekana nazo selokhu lasungulwa. “Ngesikhathi iqembu lethu libhekene nenkinga yokudingiswa ngo-1940 kuya ku-1960, amalungu eqembu ahlangana angenelela isimo salunga. Namhlanje kunzima ngoba i-ANC ibhekene ngeziqu zamehlo iyodwa ngaphakathi. Ngabe uKhongolose unawo amalungu akulungele ukungenelela asombulule izinkinga? Yilowo umbuzo osalayo.”

Uthe kuyishwa ukuthi konke lokhu kwenzeka ngesikhathi ingcithabuchopho enguTambo ingasekho phakathi kwabo. Uthe indlela efanele yokukhumbula nokuhlonipha uTambo, ukuthi kulandelwe ezinyathelweni zakhe. - ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.