Bakhala ngengqalasizinda esikoleni iDalton abazali

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

BASOLA uMnyango wezeMfundo KwaZuluNatal ngokukhetha iphela emasini abazali bezingane ezifunda eDalton Primary School, abakhala ngokuthi ingqalasizinda kulesi sikole ayikho esimeni esigculisayo.

Leli qeqebana labazali elingafunanga ukudalulwa, lithe izakhiwo zalesi sikole zifana namagushede aseplazini.

Basola ukuthi umnyango awusinaklile ngoba sakhiwe endaweni esemaplazini.

Omunye wabazali ukhale ngezinhlelo zezokuphepha kulesi sikole njengoba eveze ukuthi izigebengu ziyazicanasela.

“Kunothisha owake wahlaselwa umgulukudu esemagcekeni esikole, ngenhlanhla wakwazi ukumehlula. Amaphoyisa abizwa akaze enze lutho ngalolo daba.

“Kuyacaca ukuthi abantu abaphephile kulesi sikole,” kubhoka lo mzali.

Okhulumela umnyango uMnuz Scelo Khuzwayo, uthe bahlala bemi ngomumo ukulalela izikhalo zabantu uma bezithula ngemigudu efanele.

“Uhlaka lwesigungu esilawula isikole (SGB) lwabekelwa izimo ezifana nalezo, ukuze uma kunezinkinga kube yilona olusukumayo. Singabeluleka ukuthi badingide izinkinga kulolu hlaka bebhalele umnyango,’’ kusho uKhuzwayo.

Uthe umnyango unophiko olubhekelele ingqalasizinda ezikoleni oluhlala lulinde izimo ezifana nalezo bese luyangenelela.

Laba bazali bakhale ngezindlu zangasese ezingamakhosombana amancane nabakhala ngokuthi awekho esimeni sokusetshenziswa yizingane. Bathi lezi zindlu zangasese zinobungozi kubafundi njengoba zingasekho esimweni esikahle.

Bathi okufike kubacike kakhulu ukuthi isikole esiseduze iMatatane High School sisezingeni eliphezulu, nokwenza babone ukuthi kukhethwa iphela emasini.

“Sinakiwe lesi sikole esakhelene naso, sinazo zonke izidingo,sinomgwaqo okhonkiwe ongena khona. Abalwazi udaka uma imvula inile,thina sixova udaka okudala ukuthi othisha babe madolonzima ukuzosebenza uma linile,” kubhoka lo mzali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.