Kuxwayiswe abahamba bethandaza emigwaqweni

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINKANYEZI -

SEKUXWAYISWE abashayeli base-United

Arab Emirates ukuthi bazohlawuliswa kanzima uma beqhubeka nomkhuba wokuma eceleni komgwaqo ngenhloso yokuthandaza.

Lesi sexwayiso sikhishwe yisikhulu sezemigwaqo kule lizwe, kulandela isehlakalo sengozi esidlule nemiphefumulo yababili.

Ngokusho kweGulf News uBragadier Saif Muhair Al Mazrou, ngemuva kwalesi sehlakalo ukuthi umshayeli oyobanjwa ethandaza eceleni komgwaqo uzohlawuliswa imali efika ku-R1 500.

“Akuvumelekile nakancane ukuthi umshayeli ame eceleni komgwaqo athandaze,” usho kanje uuMazrou.

Uyalele abashayeli ukuba basebenzise izikhungo ezifana namagaraji namasonto ngoba ziphephile.

-The Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.