Uboshiwe ‘obeyiphaka’ kuFacebook

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINKANYEZI -

ILALE ibaliwe indoda yasePalestine (esesithombeni) kulandela ukufaka kwayo isithombe sayo yase ibingelela abantu kuFacebook.

Okwenze yaboshwa wukuthi ibhale ngetemu lesi-Arab ukuthi “sanibona” kanti lizotolikwa yiwo uFacebook ngendlela ephambene kwagcina kuyinto ethi “mabahlaselwe” ngesiHebheru.

Ithokale kalula le ndoda ngoba isithombe ebisinameke kuFacebook sithathwe isemsebenzini ime eduze kukagandaganda eBeitar Ilit, eningizimu neJerusalem.

Okhulumela amaphoyisa uLuba Samri uqinisekisile ukuthi umlisa uboshwe wadedelwa ngezinsolo zokubhebhezela impi.

“Sincinzwe ngababone lo mbhalo. Umlisa uboshwe wahlonywa imibuzo kodwa wabuye wadedelwa futhi kwambhalo lowo usucishiwe,” kusho uSamri.

Kuzokhumbuleka ukuthi kule ndawo ibhekene ngeziqu phakathi kwabasePalestine nabakwaIsrael. Mayelana nokutolika ngendlela eyiphutha akucaci ukuthi kwenzeke kanjani.

– The Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.