Iphoyisa ebelimisa imoto lishayiswe lakotela ebhuthini

Isolezwe ngeSonto - - EZINGAJWAYELEKILE/IZINKANYEZI -

ABAWUVALI umlomo abazibonele isigameko ngesikhathi iphoyisa lomgwaqo libambelele kanzima ebhuthini yemoto ebihamba ngesivinini emgwaqeni waseChina.

Kuthiwa lizithola lisenkingeni nje iphoyisa kulandela ukuzama ukumisa kwalo imoto kodwa umshayeli wakhetha ukuliqhufuza lasizwa ukubambelela ebhuthini.

Uzakwabo wephoyisa, uthe limise imoto emgwaqeni njengokwejwayelekile.

“Imile imoto kodwa kwaphambana inkulumo uma selicela ukuba umshayeli akhiphe izincwadi zakhe zokushayela,” kusho iphoyisa.

Lithe umshayeli uhlehlise imoto maqede wazama ukubaleka kwasho ukuthi iphoyisa selime phambi kwemoto.

Uqonde ephoyiseni elishayeke maqede lathwaleka ngebhuti labambelela ukuze lingahuduleki. Umshayeli uhambe ibanga elijana.

Abantu ababone lesi sehlakalo emgwaqeni, bebebabaza abanye bebuzana ukuthi kuqoshwa ifilimu yini.

Ekugcineni amaphoyisa amjahile lo mshayeli nokugcine kuvele ukuthi igama lakhe nguFang Yan Bao (43).

Uvumile ukuthi ulishayise ngamabomu iphoyisa.

Akucaci uma ngabe iphoyisa lilimalile noma cha. -The Daily Mail

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.