Useyisilomo umfowabo kaSgqemeza

Isolezwe ngeSonto - - IZINDABA - KHETHA SANGWENI

USDUDUZO Mbatha ongumfowabo kaSipho “Sgqemeza” Mbatha woKhozi FM, uthi usephenduke isilomo ngenxa yokufana kwabo. USgqemeza wethula iVuka Mzansi Breakfast Show.

Uthi ukufana kwabo kwenza abantu bangakwazi ukubahlukanisa. Ngokusho kukaSduduzo, osebenza kwenye yezinkampani zomfowabo, ezindaweni eziningi ahamba kuzo uma eqhamuka kuchwaza inkundla becabanga ukuthi bajabulela uSgqemeza. Uthe ngisho ezama ukubachazela ukuthi akayena uSgqemeza, kodwa kuba nhlanga zimuka nomoya, bazitapele kuye.

“Bahlala bengiphathisa imiyalezo bethi angobakhonzela emsakazweni. Angiyena nomuntu ohamba ezigqamisa ngokuthi ngizalwa nomsakazi. Anginankinga yokujatshulelwa abantu, ngoba akuyona into embi, bajabulela umsebenzi omuhle womfowethu,” kusho uSduduzo ephela yinsini.

Uthe basondelene kakhulu nomfowabo njengoba beba-mbisene emabhizinisini akhe asebenza kuwona.

USgqemeza uhambe emagameni omfowabo, wathi uthola imikhonzo eminingi kumfowabo ayinikwa abantu bezitshela ukuthi banika yena.

“Umfowethu ubuye abe bhizi kule misebenzi yami yokuhlela imicimbi ehambele izindawo ezahlukene. Uma eqhamuka abantu bathi mbo kuye, sinakho impela ukufana, futhi ubuye alingane nami ngobude. Empeleni siyefana cishe sonke ekhaya ngoba siyizinsizwa eziyisithupha,’’ kusho uSgqemeza.

Uthe naye akanayo inkinga ngalokhu ngoba akunamthelela omubi.

Khonamanjalo lo msakazi ubenomcimbi wakhe waminyaka yonke iCity to City Motivational Tour ehambela izindawo ezahlukene ibophele osaziwayo abehlukene. Kulokhu lo mcimbi ubuseCentrum Park eWorkshop, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.