Osaziwayo kwi-Ink Hop Music Festival

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA - THOKOZANI NDLOVU

LINYUKILE izinga kwi-Ink Hop Festival ebophele osaziwayo nabaculi abehlukene ezoba ngoNovemba 4 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Kubaphathi bohlelo kukhona uNomzamo Mbatha noSomizi Mhlongo abazobe beqala ukuba kulo mcimbi. Kuzobe kungokwesithathu ubakhona nonyaka, noMzokoloko, Mlwazert, Tha Simelane noZola Zee Lovin.

Kosaziwayo abazobe bewuhambele, kukhona abalingisi bethelevishini uTerry Phetho noMampho Brescia odlala indawo ka-Iris kwiSibaya. Kubaculi abazobe benandisa khona, kukhona u-Okmalumkoolkat, Sjava, Professor, Sisana, Zakwe, Afrosoul,

Duncan,

Thee

Legacy nabanye. KoDJ kuboshelwe uDJ Tira, iKings of the Weekend (KOTW) uDJ Naves & Sphectacula, DJ Happy Gal, King Sfiso, DJ Sonic, DJ Mario, DJ Lesoul, Vumar nabanye.

Omunye wabagqugquzeli balo mcimbi uZai Pheerbhay, uthe ezokuphepha zizobe ziqine kakhulu kulo nyaka.

“Kuke kwaba nesikhalo sokuthi emcimbini wangonyaka odlule bezingaqinile ezokuphepha.

“Kulokhu sizokwenza isiqiniseko sokuthi kuphephile. Siqashe onogada abenele futhi sesixoxile namaphoyisa ukuthi azobakhona ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu abazobe bewuhambele.

Kwabeze kuwona, bavumelekile ukuthi bafike nama-cooler box abo, kodwa ama-campchair nama-braai stands awavumelekile,” kusho uZai.

Amasango azovulwa ngo-12 emini kuze kuse ngakusasa.

Amathikithi atholakala eComputiket ngoR100 kanti ngosuku lomcimbi azobe enguR120 esangweni, aweGolden Circle anguR150 esangweni azobe enguR170, kuthi awezicukuthwane abe nguR600.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.