Nda abangasekho’

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

la. sihlahla uma nda abakubo kuhle bafake le bo, bafike bayidlale a umuntu wakubo, aleyo ndlela uzobe a walowo muntu,”

bhamu yakhe yakamuva esihloko

esithi, Ikhambi.

UMakhathini useke waveza nokuthi njengoba eyisangoma uphilisa abantu ngamanzi abasuke bewafake emaphaketheni uma beze lapho esuke enandisa khona. Ngokusho kwakhe akudingeki aze awathandazele, inqobo uma bewaphethe kufana nokuthi usewathandazele.

Kumanje, uMakhathini wenza iMasters in Music e-University of Stellenbosch. Ezifundweni zakhe uthe ubhala nangempilo yenkakha ye-jazz uBheki Mseku osashona.

Uthe okwenze wakhetha ukubhala ngoMseleku wukuthi akukho okuningi okubhalwe ngaye kanti wadlala indima enkulu emculweni we-jazz. Uphinde waveza nokuthi umndeni wakhe ngowabantu abacula i-jazz.

“Umama wami uNomajerusalema nguyena owangigqugquzela ngokungena emculweni. Ungumculi we-jazz aphinde adlale upiyano,” kuqhuba yena.

Ngaphandle komndeni wakhe osemculweni, nonkosikazi wakhe u-Omagugu Makhathini ungumculi. Uthe, unkosikazi wakhe nguyena owangena kuqala emculweni, yena ubebukela kuyena njengoba bebevele bengabangani.

Ngaphandle komculo, uMakhathini uthe uphinde abe yinhloko yomkhakha womculo e-University of Fort Hare lapho eqashwe khona ngokugcwele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.