Siyadabukisa isitayela sama-jeans adabukile

Isolezwe ngeSonto - - EZOKUNGCEBELEKA -

UMA kungukuthi yisitayela ukugqoka ama-jeans adabuke njengaleli bhulukwe likadadewethu obese-ICC ngeledlule, ngicela ukuphuma endabeni yezitayela. Ningavele ningisole ukuthi ngingungqimu.

Angikholwa ukuthi leli bhulukwe abeligqokile udade lo belingadayisa esitolo linjeya. Bengilokhu ngizulazula ngithi mhlawumbe ngizobona abanye abagqoke njengaye, lutho kwaze kwaphela umcimbi.

IBHULUKWE lini leli lamarivirivi?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.