Imibuzo ngokungazinikeli kukaSerero eqenjini lesizwe

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - MAZOLA MOLEFE

KUNGABE uThulani Serero, akakuqondi kahle ukuqokelwa eqenjini lesizwe? Emasontweni amabili edlule lo mdlali uchonywe uphaphe lwegwalagwala ngokuba ngumdlali okwaziyo ukusheshe ajwayele kwisikompilo leqembu asuke elidlalela.

Lokhu kube ngemuva kokuthi aqokwa njengomdlali ovelele wenyanga ka-Agasti noSepthemba ngaphansi kweDutch Eredivisie, lapho edlalela khona iVitesse Arnhem ayijoyine ngokuqala kwesizini ngemuva kokuchitha iminyaka eyisikhombisa kwi-Ajax Amsterdam.

Ezinyangeni lapho uSerero

(27) (osesithombeni), abegila khona izimanga ubizelwe kwiBafana Bafana emdlalweni emibili emqoka neCape Verde obe kungeyokuhlungela indebe yoMhlaba engonyaka ozayo eRussia, owokuqala udlalelwe ePraia, owesibili waba seThekwini. Kodwa kuyona yomibili akadlalanga, wachitha isikhathi esiningi egunjini labathotshwa izenyelo.

Ephawula ngoSerero, uStuart Baxter ngemuva kokumbophela eqenjini labadlali abangu-26 abazodlala emilenzeni emibili neSenegal uthe: “Bengikuthanda akwenzayo muva nje kodwa kufanele ngisho ukuthi uma enathi akabi sesimeni esigculisayo. Angazi noma uyazi yini ukuthi simdinga kangakanani futhi yini angasenzela yona.”

Kunemibuzo esibuziwe ngokuzinikela kwabadlali uma kuza emidlalweni yeqembu lesizwe, nokuthi uBaxter akayena umqeqeshi wokuqala ukuhlangabezana nobunzima bokubiza lo mdlali ongomunye wabangakunqobela umdlalo eNingizimu Afrika.

Abanye abebengaphambi kwakhe uGordon Igesund noShakes Mashaba nabo bake baba nenkinga nalo mdlali. Eminyakeni emine edlule u-Igesund waxosha uSerero ekhempini ngemuva kokuthi ethe ucela ukungadlaliswa ngoba wesaba ukuthi uzosuke alimale ekubeni ubheke ukuyodlala umdlalo we-UEFA Champions League.

Iqembu ayelidlalela i-Ajax Amsterdam yabe inomdlalo umqoka neFC Barcelona. USerero, ne- Ajax ngaleso sikhathi bakuphika lokhu okwashiwo u-Igesund. Wabuyela kwiBafana ngemuva kokuthi inkontileka ka-Igesund ingavuselelwanga.

Kwaba nguMashaba naye waba nezinkinga nomdlali, nokwamangaza emshiya ngaphandle eqenjini elabe lizodlala emidlalweni ye-Afcon eyabe iseEquatorial Guinea ngo-2015.

Wacashunwa kwi-website ye-Ajax Amsterdam lapho ethi akumthusanga ukushiywa ngaphandle ngenxa yokuba muncu kobudlelwane bakhe noMashaba.

“Ngiyacabanga ukuthi manje usesimeni esikahle ngokomzimba. Nokuthi ngiyethemba ukuthi useyakuqonda kahle ukuthi simdinga kanjani. Uma ezofika ekhempini angikhombise lokho noma yikanjani uzokuba ngomunye engizoqoka kubona iqembu elizodlala,” kusho uBaxter ongamsebenzisanga uSerero emdlalweni weBurkina Faso.

“Uma kufanele siqhamuke neqhinga lesibili siyabadinga abadlali abafana naye.”

IBafana izodlala neSenegal ngoNovember 10 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.