IPirates iphinde yayigobisa imicibisholo

Isolezwe ngeSonto - - EZEMIDLALO - NHLANHLA SITHOLE Ebola esePrincess Magogo Stadium, KwaMashu

I-ORLANDO Pirates iqhubeke lapho yayigcine khona kwiNedbank Cup ikhipha iLamontville Golden Arrows kwiTelkom Knockout.

Lo mdlalo obuwethanyelwe yiziinkumbi uphele kungu 1-0 nowenze iPirates yadlulela emzuliswaneni olandelayo, ubudlalwa izolo ntambama

Bekuwumdlalo wamagqubu kubafana be-Arrows benesifiso sokubuyisa izinduku zangesizini edlule abakhishwa khona abaMabhakhaniya kwiNedbank Cup.

Isiwombe sokuqala siqale ngesivinini kuyi-Arrows efuna igoli kuqala kodwa iPirates iwavale woke amazibuko emuva.

Ngokuya nayo ifudumala ngokuhamba kwemizuzu iqalile nayo ukuba imibuzo eminye obekubonakala ukuthi abadlali be-Arrows ngeke babenazo izimpendulo zayo.

Nebala akumangazanga ngomzuzu ka-35 uThabo “Section 10” Qalinge , evalela phakathi igoli obekungumnyakazo omuhle phakathi kukaThabiso Kutumela noJustin Shonga.

Lo mdlali uleqinisele unozinti we-Arrows Siboniso Gumede obethi uyamhlangabeza, kwabheda kanjalo.

UQalinge oqokwe njengomdlali ovelele nokungakufihlanga ukuthi ujabule ngendlela adlale ngayo ukhombise ekuseni ngesikhathi inkomo isakhotha enye ukuthi uzokuba yiva logagane kubafana beqembu lasekhaya.

Lo mdlali odlondlobalayo ubengazibekile phansi eyihlaba eyicela ezifikela qathatha kwizitobha ze-Arrows.

Ngisho ngesikhathi kuseyiyona elawula umdlalo bekuthi uma ibhola lifika kuyena ubonakale umehluko.

Yize abafana bakaMato “Mkabayi” Madlala, bese bephefumula ngenxeba kodwa bebelokhu bezame njalo ukudlala ibhola abadume ngalo, lokuzuma izitha zingazelele.

Kodwa abadlali bePirates bebelokhu isimo besiqaphe ngelo khozi emuva nasesizikithini senkundla.

Esiwombeni sesibili ibhentshi leqembu lasekhaya likhiphe uLerato Lamola, indawo yakhe yathathwa nguNduduzo Sibiya.

Ngokunjalo nezikaMagebhula ngokuhamba kwesikhathi zikhiphe uJustin Shonga kwathi uThabo Rakhale wangena endaweni yakhe.

Ukulimala kukaJabulani Shongwe kuvulele uThomas Chideu.

Ibhentshi leqembu Pirates libonile ukuthi amathunzi aseqala ukuqaqela izintaba likhiphe uThembinkosi Lorch, lafaka u-Abbubaker Mobara.

Sezihubela sakusha Abafana Bes’thende balikhuphule kakhulu izinga sebehlasela into engenamkhawulo, kubhoke uSibiya obehamba noJappie phakathi nenkundla etshala amabhola ayingozi nhlangothi zonke.

Yonke leyomizamo ishabalise okwesithukuthuku sengcanga esiphelela eboyeni ngoba umdlalo uphele ezikaMagebhula zihamba phambili.

Siye koshicilela i-Arrows iseyiqembu lesibili laKwaZulu-Natal ukuwasha ijezi kulo mqhudelwano ompetha bawo okuyiCape Town City ezodlala namuhla neBaroka ePeter Mokaba Stadium ngo 3.30 ntambama.

INJABULO uThabo “Section 10” Qalinge ayikhombise ngemuva kokushaya igoli elidlulisele i-Orlando Pirates kuma-quater final eTelkom Knockout Isithombe: BAKONEPIX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.